Inkundla3
Who's Online
0 registered (), 22 Guests and 2 Spiders online.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Ad
Topic Options
Rate This Topic
#11698 - 12/23/05 08:26 PM Isaga
Gumede Offline
Sikhulu
***

Registered: 12/07/05
Posts: 211
Loc: East London
Mahlabezulu bengicela ingcazelo ngalesi saga, bayabe besithini abadala uma bethi uthwente uhlaba usamila. esinye ashoni amagama athi okucakide kucelesile imamba iyalukile.

Ngifisela sonke isizwe sakithi ukhisimusi onenjabulo size singene sonke singaba philileyo kulo unyaka ozayo. <img border="0" alt="clap" title="" src="graemlins/yelclap.gif" />

Top
#11699 - 12/23/05 11:46 PM Re: Isaga
Mabonwabulawe Offline
Ngqwele

Registered: 10/14/03
Posts: 126
Loc: Emlageni, eShamba
akengibe ngowokuqala ukubhudlukela kulesi isiziba sezaga, eziyisinongo esiwunqambothi zolimi lwakithi olumnandi.
'umthente uhlaba usamila'
ukwakhiwa
lesi saga sithathelwe kuhlobo oluthile lwezihlahlana ezimila emasimini nxa sekuvuniwe okuthiwa ngumthente. nxa simila lesi sihlahlana sivela emhlabathini siyiva elicijileyo.Yebo kambe kuzokhumbuleka ukuthi besinyathela ngezinyawo ezingagqokiswanga emandulo bese umuntu ehlatshwa yilo mthente.
ingcazelo
ngicabanga ukuthi sisho ukuthi umtwana ungamvumela esemncane, ungamqondisi angahle abe yisimo esingesihle.
'Uchakide uhlolile imamba yalukile'
uchakide waziwa ngokungazwani nenyoka( imamba)
ingathi lesisaga sithi uchakide ulunguze emhumeni wathola ukuthi inyoka kayikho, ihambile
kuchazwa isimo sokuzijabulisa ngoba engekho ongakuqanda.
sisetshenziswa ukuchaza isimo esinjengokuganga kwabantwana nxa abazali bengekho

Top
#11700 - 12/24/05 05:28 AM Re: Isaga
Godlway'omnyama Offline
Ngqwele

Registered: 12/03/05
Posts: 153
Loc: USA
Yikho sibili Ncomazi. kuhle njalo yikho lam'eng'kwaziyo...kuyabongeka jaha lakwethu.

Qhubeka...bengithikaza ngoba bengingelay'imicijo lee ob'unayo mnakwethu...siyakubonga.

Top

Moderator:  Jakalas 
Shout Box

Advert