Inkundla3
Who's Online
0 registered (), 23 Guests and 0 Spiders online.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Ad
Topic Options
Rate This Topic
#17584 - 03/24/06 04:36 PM Kunga Kuqondile loko na?
Maqhamehlezi Offline
Nduna
****

Registered: 08/05/03
Posts: 362
Loc: Emzini wezi-Nkonjane
Bakithi,ngididekile impela indlela okusetshenziswa igama elithi uzulu ma kubizwa umphakathi wonke wase-Zimbabe namanye amazwe jikelezi.Ngiyezwa abezopolitiki, UMthunywa kwele-Zimbabe basho njalo-njalo bethi uzulu weZimbabe kunokuthi umphakathi.
Kambe umphakathi wonke waseMzimatshe usungangabizwa uzulu?Kanti igama uzulu alisetshenziswa ekukhonzeni umphakathi wabantwana baka Mzilikazi,Mthwakazi kumbe kwelika Phunga noma Mageba na?Yini le uzulu weNigeria,uzulu weBotswana, uzulu weAmerica njll?

Ake ningisize bantwana besilo ngoba sengikhathele ngokuloku ngizwa leligama uzulu nisetshenziswa kabi,eish lwamoshakala ulimi lwethu.

Top
#17585 - 03/25/06 01:36 AM Re: Kunga Kuqondile loko na?
Mabonwabulawe Offline
Ngqwele

Registered: 10/14/03
Posts: 126
Loc: Emlageni, eShamba
Maqha
ulunge kakhulu ukuthi uyihlabe lenkulumo esivamile ekhuluma ngozulu kumele kuthiwe umphakathi.Kanti uShaka wakususela kuphi ukuthi athi isizwe sakhe uzulu esazakala namuhla ngokuthi ngamaZulu kuphinde kube yisibongo somdeni oyisizukulwane sakhe?
Mhlawumbe abakhi baleli gama likazulu ngokwanamuhla nabo balandela indlela uShaka asungula ngalo leligama likazulu ngensuku zemandulu eyayichaza abantu abaningi abangaphansi kombuso wakhe uShaka ngalezo nsuku.

Top

Moderator:  Jakalas 
Shout Box

Advert