Inkundla3
Who's Online
0 registered (), 23 Guests and 1 Spider online.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Ad
Page 1 of 6 1 2 3 4 5 6 >
Topic Options
Rate This Topic
#30475 - 12/17/05 01:20 PM REGGAE LOVERS
Sibambamahawu Offline
Ndunankulu
***

Registered: 05/04/04
Posts: 803
Loc: KwaGodlwayo
Kulabo abathanda umculo omnandi we REGGAE nawo wonke nje onhlobonhlobo kodwa umnandi kakhulu asihlanganeni ngolwesine kusukela ngo7pm British time. Lizobe linabasakazi benu abasha lapha KuShaya FM, umsakazo wesizwe sikaMthwakazi, uJack ohamba ngelika Fireman kunye noThulani Nkala.
Abangabe belizicelo ikakhulu kuloluhlangothi lwezeReggae abasho bakwethu ukuze sijabule nani, sidlale ezithandwa yini.
Kuwe dadewethu Mkabayi ocele ekaBunny Livingstone Wailer, angikhohliwe ngiyeza nayo.

Asihlanganeni Mthwakazi, sizozakhela esethu isizwe, akekho ozasakha lesi ngaphandle kwethu.

Top
#30476 - 12/17/05 02:09 PM Re: REGGAE LOVERS
Maqhamehlezi Offline
Nduna
****

Registered: 08/05/03
Posts: 362
Loc: Emzini wezi-Nkonjane
Sibamba..,

Sizothiya indlebe sikhulu.Kengibuze mfowethu,kuneculo elinamagama athi, "When love is far away everyday seems longer and as I wite back to you my love gets much stronger,with those Three little words saying I Love YOU...." Ma uyazi sikhulu akungikhumbuze ukuthi wubani awayiculayo njalo mani ninayo ningishayele yona ngoLwesine kumdumo wamaKhosi.Kuyabongeka.

Top
#30477 - 12/17/05 02:31 PM Re: REGGAE LOVERS
Sibambamahawu Offline
Ndunankulu
***

Registered: 05/04/04
Posts: 803
Loc: KwaGodlwayo
Maqhamehlezi
Yadlalwa nguDon Carlos. Ayishayi nje ilomuntu phansi, ngizoyidinga, uma ngingayithola ngizokudlalela yona.

Ngiyabonga mfethu ngokusukumela phezulu uma imbizo ibizwa. Awenziwe umsebenzi wesizwe madoda. UZWANGS ubezokuthi umsebenti wetive.

Top
#30478 - 12/17/05 02:54 PM Re: REGGAE LOVERS
umkabayi Offline
Ngqwele
*****

Registered: 06/04/05
Posts: 186
Loc: eNqameni
Sibambamahawu....

kuhle sibili sizobe sithiye indlebe ngolweSine.
Ubonike uBunny Wailer uma ungafaka idlalade lakhe elithi Roots Radical Rockers Reggae (uma nginga phambanisi igama layo)....usuke uzihambele lisale likhala lonke lize liyophela hawu ungabe nje uyitshaye ekhaleni....kodwa ngingalelela inoma yiphi ingoma esuka kulolelo dlalade.

Top
#30479 - 12/17/05 04:59 PM Re: REGGAE LOVERS
mninimuzi Offline
Nduna
*****

Registered: 08/12/05
Posts: 456
Loc: EMNQAMLEZWENI
Sibambamahawu....

Usamkhumbula uKING SOUNDS AND THE ISRAELITES? Ngicela ungidlalele ethi yona I DONT WANT TO HATE[HURT] YOU. Sho fethu

Top
#30480 - 12/17/05 06:38 PM Re: REGGAE LOVERS
mkhize ozikhizayo Offline
Nduna

Registered: 05/30/04
Posts: 349
Loc: Emaguswini
hola sibamba mpintshi yegazi kwezothando ngomculo welege ungangikhohlwa ngomculo ka beres hammond,sanchez and more these guys baphethe umtshado wami.

sizothiya indlebe baba sibuye sinxuse abanengi.
msakazo for life.

Top
#30481 - 12/17/05 09:16 PM Re: REGGAE LOVERS
kaMjaji Offline
Nduna

Registered: 06/08/04
Posts: 329
Loc: ESkwakweni
Sibamba baba
Kuyabongeka baba sizothiya sibili. Mina ngicele u I Jah Man ethi : This heavy load uma ungayithola wethu

Top
#30482 - 12/18/05 08:45 PM Re: REGGAE LOVERS
Godlway'omnyama Offline
Ngqwele

Registered: 12/03/05
Posts: 153
Loc: USA
sizolindela, nami ngicela lingitshayele ethi yona kumbe elamagama athi wona "Gonna get you", eka Steel Pulse maa ninayo. Kudala ngayicin'ukuyizwa. Yi kuthi igama ledlalade angisaliqondisisi kakahle, kodwa yonkeyonke eka Steel Pulse ngangiwela okubi.. <img border="0" title="" alt="[Big Grin]" src="images/icons/grin.gif" /> <img border="0" title="" alt="[Big Grin]" src="images/icons/grin.gif" />

Top
#30483 - 12/19/05 12:57 PM Re: REGGAE LOVERS
Sgero Offline
Ndunankulu

Registered: 05/31/04
Posts: 643
Loc: United Kingdom
Mfan'omdala ungirikite ngo Toots and the Mytals benyathela kancane ngo Peace, Perfect Peace. Khonapho nje ikhanda lisabhoda ubungena ngo Maharahara lapho angikhethile.

Kubonga mina, ngizabe ngithiye indlebe.

Top
#30484 - 12/19/05 01:55 PM Re: REGGAE LOVERS
mninimuzi Offline
Nduna
*****

Registered: 08/12/05
Posts: 456
Loc: EMNQAMLEZWENI
Ngizafaka esinye isicelo njalo ngomdumo wamakhosi.Msakazi ngizofuna ukuba ungidabulele ibhurugwe ngengoma ethi 'wandering wanderer' lethi 'system own them babylon control them',Sengiyolibala umculi wazo lezi ngoma,ukhona osakhumbula igama lalaba baculi?
ROOTS REGGAE RADICS,LETS VENTURE INTO DERIOUS REGGAE BUSINESS

Top
Page 1 of 6 1 2 3 4 5 6 >

Moderator:  Jakalas 
Shout Box

Advert