Inkundla3
Who's Online
0 registered (), 23 Guests and 1 Spider online.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Ad
Page 12 of 12 < 1 2 ... 10 11 12
Topic Options
Rate This Topic
#15991 - 06/18/06 10:07 PM Re: IZAGA
Mabonwabulawe Offline
Ngqwele

Registered: 10/14/03
Posts: 126
Loc: Emlageni, eShamba
ingcazelo yesisho esingenhla esithi 'ukubukela sengathi umuntu uyamithisa' ithi isenzo sokwakha ingane sisemahlombe abantu ababili akudingeki owesithathu kwazise eminye imisebenzi yezandla akukho esintwini ukuthi usonge izandla abanye besebenza kumele welekelele.Ungafica kuhlinzwa nawe bamba umkhono.
_________________________
yiShangani elimnyama bhuqe leli,uMabonwabulawe!
uzothi wena likhuza izulu kanti phinde ushaye phansi,liyazensisa.

Top
#35289 - 11/16/07 02:30 PM Re: IZAGA [Re: Lobengula]
ngothobane Offline
Mafikizolo
***

Registered: 10/30/07
Posts: 18
Loc: South Africa, Gauteng, Johanne...
Lobengula! Qaphela. Musa ukulahlekisa isizwe bo! Akulona iqiniso ukuthi izaga zesiNdebele zisukela olimini lwesiZulu noma olimini lwesiXhosa. Ithi wena kukhona izaga zesiNdebele eziye zitholakale ikakhulukazi olimini lwesiZulu. Lokhu akufanele kudide noma ubani futhi angidingi kukuchaza lapha.
Okumelwe kuqokelelwe ukuthi izaga ziyini futhi zisebenza msebenzi muni olimini. Ake sithathe isibonelo esisodwa:
Imbuzi igudla iguma
Ubonani mfundi kulesisaga. Mina ngibona okulandelayo
1) AmaNdebele ngabantu abahlelekile. Bayakwazi ukuhlela inkulumo beyisusela esifuyweni bayenze inambitheke futhi ibe nombiko ojulile.
2) AmaNdebele ayezazi izimilo zezifuyo zabo. Bayakwazi ukuthi vele imbuzi inomkhuba wokugudla udonga. Kodwa bona basithuthukisa lesisenzo sakha inkulumo ejulile eqondise ukuchaza isenzo somuntu. Lokhu kubonisa ukujula kwengqondo yomNdebele. Umuntu ongawazi amasiko nenhlalo yamaNdebele angeke azezwisise izaga. Ake sithathe umuntu ongakwazi ukuthi kukhona isifuyo okuthiwa imbuzi emaNdebeleni-kambe umuntu onjalo angazwisisa ukuthi yini okuthiwa igudla iguma? Ngizobuye ngize ngiyasithanda kabi lesisihloko mahlabezulu.
Lobengula ukufunda akupheli mfowethu, mhlawumbe nami ngiyaphaphalaza.

Top
Page 12 of 12 < 1 2 ... 10 11 12

Moderator:  Jakalas 
Shout Box

Advert