Zwangendaba
AbakwaNkosi
AbakwaNkosi bayi mikhakha emibili engahlobene neze. Kuno Nkosi (Ndlangamandla) no Nkosi (Dlamini). Abahlobene neze ? izithakazelo zabo ziyaku veza lokhu. Azifani nhlobo.
Nkosi (Ndlangamandla)
Laba badabuka Kwelika Mthaniya (KwaZulu). Bangumxhantela wendlu kaMbulazi. Kuzo khumbuleka ukuthi uMbulazi lona uzala uMntungwa, owuyena ozala amadodana, uKhumalo noMabaso (abasunguli balezo zibongo zombili ? ie Khumalo no Mabaso).
AbakwaNkosi beza kamuva koKhumalo noMabaso. UNkosi lona uzalwa wuSiwela, oyisi zukulwane sendlu kaKhumalo. Yingakho nje abantu bakwaMabaso, Khumalo kunye noNkosi(Ndlangamandla) benezi thakazelo ezifanayo, zodumo ezithi:
Mntungwa kaMbulazi!
NgoMntungwa kaMbulazi ngoba bobathathu (uKhumalo, uMabaso noNkosi) bewu zalo luka Mbulazi nendodana yakhe uMntungwa.
Nkosi (Dlamini)
Lolu wuzalo lwakwaNgwane, abesidwab? esiluthuli, abesicoco sangenhlana, abaKusa nelanga, oDlamini.
Lezi yizihlobo zoMavuso noKunene ? amaSwazi emvelo. Uma ubuka, kwazona izithakazelo zabo, zigxile kakhulu olimini lwesiSwati. Isibonelo:
Weta nomlakati
Bemlakati beta KwaNgwane!
Yikona okuncane engikucobela kona.
Phansi phezulu, iyaphuz? inkukhu.
Engethemba wenelisekile.
Shamase Nkwali yenkosi
_________________________
uShamase wangempela!
Umqwashisi - impohlo engenankinga!
Igcokama likaNdonga.
Isishwapha sikaSomkhele.
Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana!
Futheka mnyekefuli.
Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo!