0 registered (),
22
Guests and
2
Spiders online. |
Key:
Admin,
Global Mod,
Mod
|
|
|
#39298 - 07/30/08 04:32 PM
Short left, ezokuvakasha
|
Ngqwele
Registered: 01/16/08
Posts: 121
Loc: Empangeni
|
Mthwakazi, Sanibonani bafowethu, ninjanino kwelakini? Thina sisatotoba ngapha koMhlathuze. Bafowethu nodade, ngithi angibuze nje, ukuthi uma umuntu enesifiso sokuvakasha kwelikaMzilikazi iziphi izaluleko eningamnikazona.
_________________________
iTshel'ncane likaNjinfaya kaMashiyak'khalwa kaNogwaja omhlengemlenze!
|
Top
|
|
|
|
#39299 - 07/30/08 07:25 PM
Re: Short left, ezokuvakasha
[Re: Skhotha]
|
Nduna
Registered: 12/30/07
Posts: 323
Loc: Canada
|
Isaluleko sakuqala, yikuthi siyakwamukela kelakithi, ave sizithanda izivakashi. Okwesibili, ngiyakukhuthaza ukuthi uye eVictoria Falls, eNtabeni zaseMatojeni, koBulawayo lase Wankie game reserve. Uma uthanda ezemidlalo, ungakhohlwa ukuya eBF ukuyobukela iHighlanders ishaya iDyanamos. Ungakhohlwa ukuthenga amafrozen ebholeni. Uma usuka lapho ulubangise elokishini lodumo elibizwa ngokuthiwa yiLobhengula.
_________________________
Ngingumthakathi wezigodo, umkhunkuli, angibhenyelwa nsangu mina, lizowukhomba olotshwala.
|
Top
|
|
|
|
#39309 - 07/31/08 04:17 PM
Re: Short left, ezokuvakasha
[Re: Mthakathi27]
|
Ngqwele
Registered: 06/14/08
Posts: 170
Loc: durban, south africa.
|
the VICTORIA FALLS is the number one- never to miss-place mara ingamo safari lodge (best accessed via TSHOLOTSHO is better than HWANGE), never miss MATOBO, as well as KHAMI ruins,OLD BULAWAYO and the BULAWAYO MUSEUM never dissappoints!! eLobhengula yodumo kunabo MQOLO-rd isitarada esidumile umthwakazi wonke neSIQONGWENI, i tarven yodumo,plus i PHEZULU BASE, i police station engena maphoyisa!!!
_________________________
those who don't use their freedom to fight for their freedom will lose their freedom!!
|
Top
|
|
|
|
#39313 - 07/31/08 11:14 PM
Re: Short left, ezokuvakasha
[Re: mpumelelo101]
|
Ngqwele
Registered: 07/30/08
Posts: 155
Loc: south africa
|
MINA I`LL TAKE TO THE WHOLE OF MASHONALAND AND SEE THE MOST DIRT PEOPLE IN THE WORLD AND I PROMISE YOU WON`T REGRET.
_________________________
KEZI MAPHISA MAPHANENI KULA OZONGITHOLA KHONA.
|
Top
|
|
|
|
#39331 - 08/01/08 01:35 PM
Re: Short left, ezokuvakasha
[Re: Skhotha]
|
Mafikizolo
Registered: 07/14/08
Posts: 44
Loc: Manxeleni
|
Skhotha, Ungayengwa ngabantu zihambele uyefika eNtabazinduna,eManxeleni koChief Khayisa,uyezinathela amanzi edibha uyabe uqedile,Usuke lapho udlule eDavid Livingstone usiyendaweni okwaba lempi enkulu labelungu emaFengwini. Uma ufuna ukubona edolobheni uziyele eNkulumane eme eriyeni akoBullet Success, ngizwa bethi kule sports Bar eblind, ubusujika nje uhambo lwakho luyabe soluphelile
_________________________
KUZOLUNGA
|
Top
|
|
|
|
#39340 - 08/01/08 10:42 PM
Re: Short left, ezokuvakasha
[Re: Skhotha]
|
Sikhulu
Registered: 03/16/08
Posts: 299
Loc: uk
|
Skhotha mfowethu kunjani la ukhona? mina ngisaphila mfo. mfo uma ufuna ukuvakashela elikaMthwakazi siyakubonga lokho. lendawo oyivakashelayo inesisho esithi -isisu somhambi asinganani singangophonjwana lwembuzi.
sibaningi sizasho ukuthi vakashela ngakithi ngoba kunje nanje. siyaheha. kodwa mfo mina ngingowakwaMthwakazi lakulelekhona inkosi uMzilakawulandelwa. ngisho khona kwaMthwakazi. vakashela la kuphumule khona uMbhulazi. bese uya engcwabeni likaMlamlankunzi, matopo Hills, the World View. ungabanenhlanhla ufike izulu linile izintaba zigeleza amanzi amhlophe kunemichilo yamakhosikazi uyobhema ukholwe. kuyobe kushona ilanga noma liphuma. akukudanga nakwaBulawayo. lapho uyothala la kwangcwatshelwa khona izinduna ezala ukudelelwa ngondlebe zikhanya ilanga, amaNgisi. mfo inhle indawo yakwaMthwakazi nabantu bakhona banesintu nokuzithoba abayifuni into embi.
vakashela lapho uyongcebeleka uthathe umoya omuhle. indawo yakwaMthwakazi inhle mfo. siyakwamukela.
Edited by duze (08/01/08 10:46 PM)
|
Top
|
|
|
|
#39360 - 08/04/08 05:09 PM
Re: Short left, ezokuvakasha
[Re: MTHWENTWEHLABA1]
|
Ngqwele
Registered: 01/16/08
Posts: 121
Loc: Empangeni
|
Sanibonani nonke bafowethu nodade.Ninjani lapho nikhona? Thina sisaphila ngapha koMhlathuze. Ngiyabonga ngeziyalo zenu. Ngebhadi umama wasekhaya wale waphetha ukungiphelekezala ohambeni ebengithi ngiyaluhlela. (Nize ningahleki ngoba sibaningi esingaphansi kwengcindezelo yemfaduko emanzi yomama!) Ngicabanga ukuthi ngizozama ukuthi hulukuqu ngenye impelasonto. Sekusele ama-minor logistical issues njengokuthi ngihambe emoyeni noma ngizihambele ngogandaganda wami. Uma ngizozihambela ngogandaganda wami ngizowuthola yini udiesel ngapho?
_________________________
iTshel'ncane likaNjinfaya kaMashiyak'khalwa kaNogwaja omhlengemlenze!
|
Top
|
|
|
|
|
|