Inkundla3
Who's Online
0 registered (), 3 Guests and 1 Spider online.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Ad
Topic Options
Rate This Topic
#40179 - 09/18/08 12:30 PM Ngifunana noDlamini, Malandela
Nqina_Dlamini Offline
Mafikizolo

Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
Sanibonani.
Senginesikhashana ngangena kulesisigungu, Kodwa angikaze ngazibika.
Igama engilisebenzisayo nguNqina Dlamini. uNqina ngomunye wobabamkhulu/wokhokho bami. uNqina ngumfowabo kaNyanya Dlamini okwaba yinkosi yethu (o'Dlamini, malandela) eyokugcina. uNyanya wabulawa ngumuntu owayethunyelwe yiNkosi yamaZulu uShaka kaSenzangakhona.

Emumva kwezimpi ezimbalwa nathi savele sazinikela kwiyo iNkosi uShaka. Kwaba nesikhathi lapha esasihambisana noma sisizana neNkosi yaseLangeni (uZwide) ukulwa noShaka, kodwa emumva kokuhlukumezwa kwamabutho akithi (kwaDlamini) sabaguqukela, satholakala sesilwa nabo (abaseLangeni).

Ngiqale lesisihloko ukufuna ukwazi ukuthi bakhona na abakithi kulesisigungu, okwesibili ngifuna ukubheka ukuthi umlandu wakithi uyaziwa na kulesisigungu.

Izithakazelo
Dlamini,
Malandela, Luzumane.
Bazume Ndaba balibele.
Lugagane olwahlaba amaTshali ezibumbini,
Athi ayahamba agxamalaze.
Mfolozi emnyama inketha baweli........


Edited by Nqina_Dlamini (09/18/08 12:32 PM)

Top
#40197 - 09/18/08 09:46 PM Re: Ngifunana noDlamini, Malandela [Re: Nqina_Dlamini]
Gumede Offline
Sikhulu
***

Registered: 12/07/05
Posts: 211
Loc: East London
Wamukelekile ndoda Dlamini, Malandela siyabonga ukuzwa umlando wakho. Zizokuphendula iyinsizwa ngombuzo wakho.
_________________________
Ubukhosi ngamazolo.

Top
#40200 - 09/19/08 05:42 AM Re: Ngifunana noDlamini, Malandela [Re: Gumede]
Nqina_Dlamini Offline
Mafikizolo

Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
Ngiyabonga weGumede, ukwamukeleka kulesisigungu.
Ngethemba ngizokuzwa imibono ehlukahlukene ngomlando.

Top
#40243 - 09/22/08 11:32 AM Re: Ngifunana noDlamini, Malandela [Re: Nqina_Dlamini]
Mbezothuli Offline
Mafikizolo

Registered: 06/12/08
Posts: 40
Loc: Esantini

"Lugagane olwahlaba amaTshali ezibumbini,
Athi ayahamba agxamalaze."

Dlamini baba kunjani. Akusicazululele isithakazelo sakho lesi ukuthi kahle kahle kwakuhambe njani? Yini ugagame? Njalo ngobani amatshali. Yisiphi lesisitho abahlatshwa khona? babegabafazi kuphela? LingamaSwazi ingabe amaZulu?

Top
#40252 - 09/22/08 03:12 PM Re: Ngifunana noDlamini, Malandela [Re: Mbezothuli]
Nqina_Dlamini Offline
Mafikizolo

Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
Ngiyaphila Mbezothuli.
Quote:
Yini ugagame?

Ugagane yisihlahla esinameva amakhulu.
Here is a linky: Dichrostachys cinerea

Quote:
Njalo ngobani amatshali

Abantu bakwa-Mtshali abahlala eDlebe, eMahlabathini.

Quote:
Yisiphi lesisitho abahlatshwa khona?

Isibumbu, yinhlamba le. Kusho ukuthi babahlaba ezinqeni (buttocks).

Quote:
babegabafazi kuphela?

Cha, babesempini, ngicabanga ukuthi kwakungamaDoda.

Quote:
LingamaSwazi ingabe amaZulu?

Ngokwendabuko singamaSwazi, kodwa sahlulwa iNkosi uShaka, ngalokhoke singamaZulu.(Sikhuluma isiZulu, amasiko asekhaya awabeNguni).

Top
#40254 - 09/22/08 03:27 PM Re: Ngifunana noDlamini, Malandela [Re: Mbezothuli]
Nqina_Dlamini Offline
Mafikizolo

Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
Nayi enye ilinky yakwa WIKI: Dichrostachys_cinerea

Nasi isithombe:

Top
#41206 - 12/12/08 05:56 AM Re: Ngifunana noDlamini, Malandela [Re: Nqina_Dlamini]
ngomisto Offline
Mafikizolo

Registered: 06/09/08
Posts: 1
Loc: Durban
Bengithi angibuze la kuNqina Dlamini ngezithakazelo zoDlamini Malandela ukuthi zithini sezizonke ngoba nami ngingowakhona kodwa angikaze ngizizwe ezinye zalezibongo. Ngicela ungibhalele izibongo zoDlamini uthi ukunaba kuleziozibhalile

Top
#41597 - 01/06/09 03:44 PM Re: Ngifunana noDlamini, Malandela [Re: ngomisto]
Nqina_Dlamini Offline
Mafikizolo

Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
Uthi nawe unguMalandela?
Okanye ufuna izithakazelo zabobonke oDlamini?

Naba abanye oDlamini:
IZITHAKAZELO ZAKWA-DLAMINI (Nkosi)

Nkosi! Hlubi!
Ludonga lukaMavuso,
Abay'eMbo babuyelela.
Abasidwaba weza nonina.
Abengomane yaseMavaneni,
Abaqed'uBombo ngokuhlehlezela,
AbakwaSibhahuza
SikaMabhanda eMpondweni.
Inkonekaz'evele ngobusw'emgedeni.
USamkethe, esinembay'emaLangeni,
UMswazi kaSobhuza.
Mlangeni!
Nina bakwaKusa nelanga
Nina bakwaWawawa.
Lokothwayo!
Sibalukhulu!
Nina beNgwane,
Nina besicoco sangenhlana.
Kunene!

Ungazama ukusesha kuGoogle uthole abanye oDlamini.
Engibaziyo abanye ngo Dlamini Sibalukhulu, Dlamini Khumalo, Dlamini Nkosi. Kanjalo kanjalo. Kanti futhi nasemaXhoseni (e.g. Ntisana, Zizi, Mbeki) nabeSuthu usabathola oDlamini.

Top

Moderator:  Jakalas 
Shout Box

Advert