0 registered (),
49
Guests and
1
Spider online. |
Key:
Admin,
Global Mod,
Mod
|
|
|
#16661 - 04/29/05 06:19 AM
Re: Isichazamagama
|
Ndunankulu
Registered: 02/06/04
Posts: 649
Loc: Mtubatuba
|
Gqiha Bajove dokotela!
Umqwashisi: Liphuma kwi-senzo, ukuqwasha. Ukuqwasha is, phecelezi, to lose sleep and be wide awake all night. Therefore umqwashisi is one who?ll make you lose sleep and be wide awake ubusuku bonke.
On the other hand we can also say umqwashisi is one who will awaken you and conscientise you to something new or a new concept. Usuka afane nje ne strong coffee that will keep you awake, aware, conscientised and anticipating.
Impohlo: Leli kufanele ukuthi ngabe uyalazi gqiha. But ke akusenani. Impohlo is a single, never been married man. In other words, a bachelor! Mina ke ngiyimpohlo engena nkinga!
Igcokama: Igcokama yinono, umuntu o-clean kabi, ongahlalwa mpukane. Always smart, presentable and clean. The opposite of that is: inuku, idlabha, isinyefu or idixa.
Isishwapha Lona umuntu ozacile. Umuntu o-skinny. Umuntu omncane ngokomzimba. The opposite of this is: isitetelegu, ingangamela, imbebhedla or umagcwalibhavu. And interesting enough, umngani wami ovutha ekhaleni, uMkheshane kaVumezitha prefers to refer to izidudla as : ingagara ! So uma sihlangana nentombi eyondlekile, sivele siyikhuzele siyibize nge-ngagara!
Mina ke ngiyishwapha sika Somkhele. Umicondo yegusha!
Angingakanani, nasentendeni yesandla ngiyenela.
Inxeshe Eish angazi ukuthi yini le. But ke I must say ukuthi uma ngabe umuntu wesiZulu eshweleza (ukucela uxolo), uye athi : NXESE, not inxeshe!
Phansi-phezulu, iyaphuz? inkukhu.
uMuntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa Ngiphum? ezansi Ongoye Umful? engiwuphuzayo ? ngiphuz? uThukela ? umful? osh? izikhawu! Ngiyinkwali yenkosi uMashukumbela uVeyane uMtubatuba umcondo yegusha
Inxangiphilile KwelikaMthaniya
|
Top
|
|
|
|
#16666 - 06/12/05 01:37 PM
Re: Isichazamagama
|
Ndunankulu
 
Registered: 05/04/04
Posts: 803
Loc: KwaGodlwayo
|
Idela ... Mina ngazi idela/kufa, lona ngumuntu onesibindi esesabekayo.
Itshapha... amanye amagama atsho itshapha yilawa alandelayo..inuku, idlabha, lona lichaza ukungahlanzeki, ngokwendawo ohlala kuyo, noma ikakhulu, imisebenzi yezandla e.g. indlu ihlala ingcolile, noma uma ubhala awuqikeleli, uyabhala uyakhansela. etc Okunye futhi kungaba ngumuntu ongathandi ukunanzelela ekwenzeni kwakhe okungafaka uquqaba ensumansumeni e.g. ukuzibonakalisa, noma ukuzazisa ngemfihlo nangamasu enhlanganiso thize, ikakhulu kwezombusazwe.Noma umuntu ongumama ongaziphathanga.
Inkosi ..Inkosi ngumuntu olungileyo. okwesibonelo ngomusho: Umfana kaNkala akalunganga nje yinkosi yomuntu.
Indoda... Indoda yigama elichaza umuntu owenza imisebenzi emihle noma evelele emphakathini, ikakhulu imisebezni ewusizo kumphakathi. Okwesibonelo: Ukuba uMoyo wakwazi ukuyiginqa "Putsch" indoda yakoZwimba, ube uzezwa abantu bethi umfoka Moyo yindoda.
WeMsupa lami ngizamileukuchaza lamagama ngokusentshenziswa kwayo emuntwini, kusesikoleni ukuba okukodwa ngikutholile.
|
Top
|
|
|
|
|
|