0 members (),
26
guests, and
2
robots. |
Key:
Admin,
Global Mod,
Mod
|
|
|
Joined: May 2004
Posts: 1,304
Nkosi
|
OP
Nkosi
Joined: May 2004
Posts: 1,304 |
Mnto, ngiyathokoza kakhulu mfo. Ulimi olusebenzisayo lula mandla khakhulu. Ngiyananzela ukuthi uletha njalo amagama abanengi bethu abangewa jwayele ngoba ephuma kusiZulu. Ngicela uhlaye, ukuthi la magama owasebenzisayo atshoni. Ulwazi ngamandla mfo, nceda kaSomkhele.
- Umqwashisi - Impohlo - Igcokama - Isishwapha - Inxeshe
Ngangike ngilizwe leli gama elithi umnyekefuli, ngisakhula. Ngiyabonga nge spelling osiphe sona.
Ukhona na okwazi - Ubilo - Cork nge sintu, ikakhulu ebisetshenziswa ukuvala igula. - Umbendeni lesi ngibona angathi yisitho somzimba kodwa angazi ukuthi yisiphi sakhona. - Isaveza ?
|
|
|
|
Joined: Feb 2004
Posts: 649
Ndunankulu
|
Ndunankulu
Joined: Feb 2004
Posts: 649 |
Gqiha Bajove dokotela!
Umqwashisi: Liphuma kwi-senzo, ukuqwasha. Ukuqwasha is, phecelezi, to lose sleep and be wide awake all night. Therefore umqwashisi is one who?ll make you lose sleep and be wide awake ubusuku bonke.
On the other hand we can also say umqwashisi is one who will awaken you and conscientise you to something new or a new concept. Usuka afane nje ne strong coffee that will keep you awake, aware, conscientised and anticipating.
Impohlo: Leli kufanele ukuthi ngabe uyalazi gqiha. But ke akusenani. Impohlo is a single, never been married man. In other words, a bachelor! Mina ke ngiyimpohlo engena nkinga!
Igcokama: Igcokama yinono, umuntu o-clean kabi, ongahlalwa mpukane. Always smart, presentable and clean. The opposite of that is: inuku, idlabha, isinyefu or idixa.
Isishwapha Lona umuntu ozacile. Umuntu o-skinny. Umuntu omncane ngokomzimba. The opposite of this is: isitetelegu, ingangamela, imbebhedla or umagcwalibhavu. And interesting enough, umngani wami ovutha ekhaleni, uMkheshane kaVumezitha prefers to refer to izidudla as : ingagara ! So uma sihlangana nentombi eyondlekile, sivele siyikhuzele siyibize nge-ngagara!
Mina ke ngiyishwapha sika Somkhele. Umicondo yegusha!
Angingakanani, nasentendeni yesandla ngiyenela.
Inxeshe Eish angazi ukuthi yini le. But ke I must say ukuthi uma ngabe umuntu wesiZulu eshweleza (ukucela uxolo), uye athi : NXESE, not inxeshe!
Phansi-phezulu, iyaphuz? inkukhu.
uMuntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa Ngiphum? ezansi Ongoye Umful? engiwuphuzayo ? ngiphuz? uThukela ? umful? osh? izikhawu! Ngiyinkwali yenkosi uMashukumbela uVeyane uMtubatuba umcondo yegusha
Inxangiphilile KwelikaMthaniya
|
|
|
|
Joined: May 2004
Posts: 1,304
Nkosi
|
OP
Nkosi
Joined: May 2004
Posts: 1,304 |
KaSomkhele, <img border="0" title="" alt="[Big Grin]" src="images/icons/grin.gif" /> <img border="0" title="" alt="[Wink]" src="images/icons/wink.gif" /> i really appreciate mfowethu imininingwane oyifake la, ungakhathali mfo. Ngile njabulo kakhulu ukungazi ulimi lwakithi, kugoqela laso isiZulu ngoba siyimpande yalo ulimi lwakithi.
Sengibona manje ukuthi kungani abangane bebengi biza nge ngangara. Mina ngangibona angathi batsho ngoba nxa umuntu elesaka ebhanga. Kutsho ngingu "mgcwalibhavu". hk hk. Kusobala, kumhlophe mfo, imicijo yakho icacile.
Ngibona ngathi ngivixile futhi isipele sika nxese.
-----
Ngangi jwayele ukuzwa ubaba ethi umuntu oyisithutha uy'isiyingayinga. Angazi ukuthi lelibala likhona na kwela kithi kumbe kwakuyi scamtho sakhe nje.
|
|
|
|
Joined: May 2004
Posts: 1,304
Nkosi
|
OP
Nkosi
Joined: May 2004
Posts: 1,304 |
Ngibani okwazi lama gama? Ngicela sichasise ukuthi atshoni nxa esetshenziswa emuntwini.
Umyacasana Idela Itshapha Inkosi Indoda
|
|
|
|
Joined: Apr 2005
Posts: 656
Ndunankulu
|
Ndunankulu
Joined: Apr 2005
Posts: 656 |
Muntongenakudla sewaya kuphi mfowethu, nanka amagama eswela ongawachasisa bantu. Ncedani bo!!!
Idela Ngibona kusengathi ngumuntu lowana othatha izinto kancane kancane. Othatha izinto pole pole
Itshapha Ngumuntu ozwanana lengcekeza (doti)
Inkosi Ngiyazi ukuthi inkosi yini kodwa ukuchasisa kusuka kubenzima. Kumbe ngisuke ngithi Inkosi ngumuntu okhokhela isizwe.
Indoda Ngumuntu ongasuye owesifazane, umuntu olobudoda.
Ngizamile lalobanje kukhanya ukuthi umuntu obephendula kaqeqeshanga okuyangaphi. Ngiyabona
|
|
|
|
Joined: Apr 2005
Posts: 656
Ndunankulu
|
Ndunankulu
Joined: Apr 2005
Posts: 656 |
Mina bengilamagama athize, mhlawumbe kungabe kulabanye abalamagama abathanda ukuba kwazi ukuthi avela ngaphi. Awami nanka ngaphansi.
ibhulugwa Msitheli iklogo irekeni isitimela
|
|
|
|
Joined: May 2004
Posts: 803
Ndunankulu
|
Ndunankulu
Joined: May 2004
Posts: 803 |
Idela ... Mina ngazi idela/kufa, lona ngumuntu onesibindi esesabekayo.
Itshapha... amanye amagama atsho itshapha yilawa alandelayo..inuku, idlabha, lona lichaza ukungahlanzeki, ngokwendawo ohlala kuyo, noma ikakhulu, imisebenzi yezandla e.g. indlu ihlala ingcolile, noma uma ubhala awuqikeleli, uyabhala uyakhansela. etc Okunye futhi kungaba ngumuntu ongathandi ukunanzelela ekwenzeni kwakhe okungafaka uquqaba ensumansumeni e.g. ukuzibonakalisa, noma ukuzazisa ngemfihlo nangamasu enhlanganiso thize, ikakhulu kwezombusazwe.Noma umuntu ongumama ongaziphathanga.
Inkosi ..Inkosi ngumuntu olungileyo. okwesibonelo ngomusho: Umfana kaNkala akalunganga nje yinkosi yomuntu.
Indoda... Indoda yigama elichaza umuntu owenza imisebenzi emihle noma evelele emphakathini, ikakhulu imisebezni ewusizo kumphakathi. Okwesibonelo: Ukuba uMoyo wakwazi ukuyiginqa "Putsch" indoda yakoZwimba, ube uzezwa abantu bethi umfoka Moyo yindoda.
WeMsupa lami ngizamileukuchaza lamagama ngokusentshenziswa kwayo emuntwini, kusesikoleni ukuba okukodwa ngikutholile.
|
|
|
|
Joined: Apr 2005
Posts: 656
Ndunankulu
|
Ndunankulu
Joined: Apr 2005
Posts: 656 |
Uyabona indoda hatshi mfowethu angazi. kodwa ma uthi indoda yigama elichaza umuntu owenza imisebenzi emihle noma evelele emphakathini, ikakhulu imisebezni ewusizo kumphakathi. Okwesibonelo: Ukuba uMoyo wakwazi ukuyiginqa "Putsch" indoda yakoZwimba, ube uzezwa abantu bethi umfoka Moyo yindoda
UNgakhangela isibonelo sakho kukhanya kulendoda koZwimba lakho kangazi ukuthi ingcazelo le ilokhe isebenza lako Zwimba.
Mina ngizathi indoda kumuntu owesilisa
|
|
|
|
Joined: Jun 2005
Posts: 186
Ngqwele
|
Ngqwele
Joined: Jun 2005
Posts: 186 |
Msupatsila
ngingazi kumbe liqiniso leli kodwa ibizo elithi Msiteli nxa usitsho lapho okuthathelwa khona izithupha kuthiwa kudala emahofisini lapho okwakuthathwa khona izithupha kwakulomfazi webhunu okuthiwa ngu Mrs Taylor abantu baqala besithi ko Mesese Thela and ngethemba kwaya kwaze kwacina abantu sebe phonguhlanganisa. lami yiyo ingcazelo engayizwa ngo mbalisi wami owayengifundisa i "History".
|
|
|
|
Joined: May 2004
Posts: 1,304
Nkosi
|
OP
Nkosi
Joined: May 2004
Posts: 1,304 |
Sibamba, uqinisile mfowethu. Umuntu obizwa kuthwa litshapha ngumuntu ongaziphathanga, olala lowonkewonke. Lande uku setshenziswa ekuziphatheni koku hlanzeka.
Ngivumelana lawe ukuthi umuntu oyi Nkosi, ngumuntu olungileyo njalo olo musa.
Igama elithi indoda, ulichasise kuhle njalo. Kodwa ngizathi ngi ngezelele kancane. Umuntu wesifazane ma ebizwa ngokuthi yindoda, uyabe engamuhle ebusweni. Esintwini akutshiwo ukuthi umuntu mubi, kutshiwo kwabaloyayo. Umthakathi nguye obizwa athiwe ngumuntu omubi. Yikho kule saga esithi "Ukwanda kwaliwa ngabathakathi".
Ibala elithi Irekeni Msupa, alikho esintwini. Ligama eseli setshenzizwa libolekwa kwabesitshabi.
Iklogo, ngibona angathi yibhera efakwa enkomeni.
Uyawazi "umkhala" na?
|
|
|
|
|