Mkabayi
bengivele ngingamangala njenganini vele indebele eliyake lithi lingabona omunye walo exhamandile lingahlekeli ngemva kwesandla.by Mkabayi
Ngiyethemba ungusisi, yikho ngizothi dadewethu amazwi afana nalana owaphanyeke ngaphezulu angathi athanda ukunganambitheki. Uma kuyikuthi awuthandi ukuxwayiswa noma ukuqondiswa kuhle usho njalo uphumele eshashalazini ukwenzela ukuthi abantu banzi. Mina angazi ukuthi abantu sekwakhala nyonini kubona, abasavumi ukuboniswa, sebethola sengathi uyabathuka uma ubabonisa. Angisho ukuthi ngivumelana noMagonya ekuthini kuvulwe Inkundla yabantwana/yabasha noma yabancane, cha angiyivumi leyo, baningi abasha abanemiqondo emihle eyedlula eyabadala, kodwa into engathi angiyithandisisi yikuthi lapho umuntu athi eboniswa ukuthi angasebenzisa kanjani Inkundla abeseyavuka indlobani.