Bafowethu nodadewethu, esikweni lakwantu uma umfana ethatha unkosikazi eyokwakha umuzi usuke ngendlela engazi ngayo eyokwandisa noma eyokhulisa umuzi kayise. Manje into engiyibuzayo ukuthi kusenzeka yini lokhu? Abantu besifazane mhlawube ngabe babona kungcono nabo bahlomule ngokuthi bakhulise nemindeni yakubo ngendlela efanayo izingane zibe nezibongo ezimbili? Ikhona inkinga emishadweni zingane zakwethu, ukuthi abanikazi abayisho ngomlomo ubona ngezenzo. Lokhu ngikushiswa ukuthi, kaningi abantu basemzini abamkelekanga futhi uma kukhona izinqumo ezizothathwa emzini omusha lona kunabantu besifazane abayaye bakhulume nabantu bakubo for approval yokuthi kwenzeke izinto emzini lapho beshadele khona. Abesifazane engikhuluma ngabo abenqeni ukuthatha izingane abazithole ngaphandle bazishintshe nezibongo ngenkani ukuthi sibeize esalana beshabedele khona, futhi bafune nengane ikholwe ukuthi wena ungubaba wayo. Khambi lini elingasentshenziswa ukuqeda lodoti wegciwane elidunga imishado?