OkaMhayise uthi:
Nakho okuncane enginakho okwamanje:
Gumede!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
Khondlo!
Osidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla babebeyenga umuntu ngendaba
Bethi "Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe kayikhuni
sidingida yoyodaba kanti bahlinza imbuzi!"
Malandela ngokulandela izinkomo zamadoda!
UQwabe no Zulu amadodana kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaYeyeye.
UQwabe yizibulo ebeselanywa uZulu kunina uNozinja. UNozinja wayethanda uZulu kakhulu wabesemsiza ukuqoqa imfuyo eningi okwenza kubekhona ukungezwani phakathi kwalezelamani uma uMalandela ekhothama. Kunokuthi kuchitheke igazi uZulu,uNozinja nabanye ababethanda uZulu bahlukana noQwabe bayakofuna amadlelo aluhlaza enxenye. Lezizizwe zaqhubeka zehlukene kwaze kwaba sesikhathini seLembe, uDlungwane woMbelebele,uMlilo wothathe uShaka kaSenzangakhona.Ngalesikhathi uPhakathwayo ubeyinkosi yakwaQwabe. Ilembe layiphaka yaqonda kwaQwabe eyakwaZulu, uPhakathwayo ubengalindele ukuthi kungenzeka ahlulwe kulempi ngoba ayemaningi amabutho akhe kwazise ukuthi esakwaQwabe kade kuyisizwe esikhulu impela. Kodwa indlela yokulwa kweLembe yayingakajwayeleki ngalesosikhathi, uPhakathwayo weza nabesifazane nezingane enkundleni, wahlala ethunzini ephethe nokhamba ecabanga ukuthi uzonqoba masinyane kanti akabuzanga elangeni. Wehlulwa ngaphambi kokuba alwe uPhakathwayo, kuthiwa wanelewezwa ukuthi wehluliwe wabulawa uvalo(shock). UDlungwane wabeseqoqa sonke isizwe sakwaQwabe saba yinxenye kaZulu. Ngenkathi sekubusa iSilo saseMgungundlovu uDingani kaSenzangakhona uNqetho owayeyinkosi yakwaQwabe kwadingeka ashiye elakwaMthaniya ayekwelamaMpondo ngenxa yokuthi uDingane ubecoboshisa bonke ababezwana noShaka, wehlulwa uFaku emaMpondweni wabesebuyelakwaZulu lapho afike wabulawa uDingani.
UKhuzwayo ngenye yamakhosi akwaGumede ayebusa engakacatshangwa nakucatshangwa uPhakathwayo. Nazi ezinye izibongo eziphuma kwaQwabe/Gumede:
Maphanga
Khuzwayo
Makhanya
Gcabashe
Mzimela
Yilokhu okuncane engikwaziyo ngabakwaKhuzwayo (Mnguni kaYeyeye!) abavela kwaQwabe/Gumede.
Mhayise!Ngwanya!Siyendana!Cebisa!Ngele!Bogama abavala umnyango ngamakhanda amadoda! Mgogodlana!