Sanibonani,
Nize ningayi bukeliphansi lento eshiwo nguBathwali. Ngelinye ilanga nizozwa senithola imilayezo ethi " Congratulations you have won the customer of the year award" esuka kubantu ongakaze ubabone, kanti khona ukleva osehambe wavula ama-account ngegama lakho. Uzozithola ukhokhela oArmani ongabazi!:)
Kodwa uma kukhona abantu abangakhumbuli bebhalisela ukuvota ezimpilweni zabo, vele i-identity yabo isimoshakele akusekho lutho okungabasiza. Kodwa mina ngiyibona ngabe ngisola abasondelene nami ngoba umangicabanga inombolo yoma-id iyinto ongahambi uyibhala noma yikuphi.
Hhayi kodwa babhedile uma kanti kwi-roll yase Zim ukwazi ukubona amagama awonke umuntu. Lana emzansi, on the few rolls I have checked, ikuvezela eyakho imininingwane. Kwesinye isikhathi iyakuphendula kuphela ingakuvezeli yonke imininingwane.
Kazi ayikho yini indlela yokubona ngemumva koketho ukuthi laba abantshotshelwe ama-id number bavotile yini?
