Inkundla3
Who's Online Now
0 members (), 32 guests, and 0 robots.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Ad
Previous Thread
Next Thread
Print Thread
Rate Thread
Joined: Feb 2008
Posts: 18
N
Mafikizolo
OP Offline
Mafikizolo
N
Joined: Feb 2008
Posts: 18
Sanibonani.
Senginesikhashana ngangena kulesisigungu, Kodwa angikaze ngazibika.
Igama engilisebenzisayo nguNqina Dlamini. uNqina ngomunye wobabamkhulu/wokhokho bami. uNqina ngumfowabo kaNyanya Dlamini okwaba yinkosi yethu (o'Dlamini, malandela) eyokugcina. uNyanya wabulawa ngumuntu owayethunyelwe yiNkosi yamaZulu uShaka kaSenzangakhona.

Emumva kwezimpi ezimbalwa nathi savele sazinikela kwiyo iNkosi uShaka. Kwaba nesikhathi lapha esasihambisana noma sisizana neNkosi yaseLangeni (uZwide) ukulwa noShaka, kodwa emumva kokuhlukumezwa kwamabutho akithi (kwaDlamini) sabaguqukela, satholakala sesilwa nabo (abaseLangeni).

Ngiqale lesisihloko ukufuna ukwazi ukuthi bakhona na abakithi kulesisigungu, okwesibili ngifuna ukubheka ukuthi umlandu wakithi uyaziwa na kulesisigungu.

Izithakazelo
Dlamini,
Malandela, Luzumane.
Bazume Ndaba balibele.
Lugagane olwahlaba amaTshali ezibumbini,
Athi ayahamba agxamalaze.
Mfolozi emnyama inketha baweli........

Last edited by Nqina_Dlamini; 09/18/08 12:32 PM.
Joined: Dec 2005
Posts: 211
Sikhulu
***
Offline
Sikhulu
***
Joined: Dec 2005
Posts: 211
Wamukelekile ndoda Dlamini, Malandela siyabonga ukuzwa umlando wakho. Zizokuphendula iyinsizwa ngombuzo wakho.


Ubukhosi ngamazolo.
Joined: Feb 2008
Posts: 18
N
Mafikizolo
OP Offline
Mafikizolo
N
Joined: Feb 2008
Posts: 18
Ngiyabonga weGumede, ukwamukeleka kulesisigungu.
Ngethemba ngizokuzwa imibono ehlukahlukene ngomlando.

Joined: Jun 2008
Posts: 40
M
Mafikizolo
Offline
Mafikizolo
M
Joined: Jun 2008
Posts: 40

"Lugagane olwahlaba amaTshali ezibumbini,
Athi ayahamba agxamalaze."

Dlamini baba kunjani. Akusicazululele isithakazelo sakho lesi ukuthi kahle kahle kwakuhambe njani? Yini ugagame? Njalo ngobani amatshali. Yisiphi lesisitho abahlatshwa khona? babegabafazi kuphela? LingamaSwazi ingabe amaZulu?

Joined: Feb 2008
Posts: 18
N
Mafikizolo
OP Offline
Mafikizolo
N
Joined: Feb 2008
Posts: 18
Ngiyaphila Mbezothuli.
Quote
Yini ugagame?

Ugagane yisihlahla esinameva amakhulu.
Here is a linky: Dichrostachys cinerea

Quote
Njalo ngobani amatshali

Abantu bakwa-Mtshali abahlala eDlebe, eMahlabathini.

Quote
Yisiphi lesisitho abahlatshwa khona?
Isibumbu, yinhlamba le. Kusho ukuthi babahlaba ezinqeni (buttocks).

Quote
babegabafazi kuphela?

Cha, babesempini, ngicabanga ukuthi kwakungamaDoda.

Quote
LingamaSwazi ingabe amaZulu?

Ngokwendabuko singamaSwazi, kodwa sahlulwa iNkosi uShaka, ngalokhoke singamaZulu.(Sikhuluma isiZulu, amasiko asekhaya awabeNguni).

Joined: Feb 2008
Posts: 18
N
Mafikizolo
OP Offline
Mafikizolo
N
Joined: Feb 2008
Posts: 18
Nayi enye ilinky yakwa WIKI: Dichrostachys_cinerea

Nasi isithombe:
[Linked Image from upload.wikimedia.org]

Joined: Jun 2008
Posts: 1
N
Mafikizolo
Offline
Mafikizolo
N
Joined: Jun 2008
Posts: 1
Bengithi angibuze la kuNqina Dlamini ngezithakazelo zoDlamini Malandela ukuthi zithini sezizonke ngoba nami ngingowakhona kodwa angikaze ngizizwe ezinye zalezibongo. Ngicela ungibhalele izibongo zoDlamini uthi ukunaba kuleziozibhalile

Joined: Feb 2008
Posts: 18
N
Mafikizolo
OP Offline
Mafikizolo
N
Joined: Feb 2008
Posts: 18
Uthi nawe unguMalandela?
Okanye ufuna izithakazelo zabobonke oDlamini?

Naba abanye oDlamini:
IZITHAKAZELO ZAKWA-DLAMINI (Nkosi)

Nkosi! Hlubi!
Ludonga lukaMavuso,
Abay'eMbo babuyelela.
Abasidwaba weza nonina.
Abengomane yaseMavaneni,
Abaqed'uBombo ngokuhlehlezela,
AbakwaSibhahuza
SikaMabhanda eMpondweni.
Inkonekaz'evele ngobusw'emgedeni.
USamkethe, esinembay'emaLangeni,
UMswazi kaSobhuza.
Mlangeni!
Nina bakwaKusa nelanga
Nina bakwaWawawa.
Lokothwayo!
Sibalukhulu!
Nina beNgwane,
Nina besicoco sangenhlana.
Kunene!

Ungazama ukusesha kuGoogle uthole abanye oDlamini.
Engibaziyo abanye ngo Dlamini Sibalukhulu, Dlamini Khumalo, Dlamini Nkosi. Kanjalo kanjalo. Kanti futhi nasemaXhoseni (e.g. Ntisana, Zizi, Mbeki) nabeSuthu usabathola oDlamini.


Moderated by  Jakalas 

Link Copied to Clipboard
ShoutChat
Comment Guidelines: Do post respectful and insightful comments. Don't flame, hate, spam.
Advert
Powered by UBB.threads™ PHP Forum Software 7.7.5
(Release build 20201027)
Responsive Width:

PHP: 7.3.33 Page Time: 0.012s Queries: 31 (0.006s) Memory: 0.7838 MB (Peak: 0.8551 MB) Data Comp: Off Server Time: 2021-12-05 14:17:18 UTC
Valid HTML 5 and Valid CSS