Kwaze kwakuhle ke lokho, ngithemba usho umembeso, kodwa ke kusangenzeka ukuthi umsebenzi okuluma ngawo umemulo, phecelezi i21st brithday party... into ebalulekile ukuthi sifisele yonke le mindeni yomibili inhlanhla emsebenzini omkhulu kangaka abazowenza kusasa...sengathi nje umuntu angaba yimpukane odongeni, ase abone ukuthi iinsizwa zozalo lukaMzilikazi zisakwazi na ukugiya, nokucula amahubo omshado...."umakoti ngowethu..siyavuma....", "uyothi wabonani..mfaz'ongazalanga", kudala sihamba sikudinga, sithunyiwe...scel'umkhwenyana asivulele singene...