KuMzilikazi kaMashobana
Esizweni asakhayo wasibumba,
Sikhule njalo sidlondlobale,
Size sibalwe njengesinye
Sezizwe ezinkulu zomhlaba.
Ake ngiqale ngenkondlo kaMnumzane Maphumzane Nkosi......
-------------------------
Inhlonipho
Ingukuqikelel'izindlela zakho,
Ukuba zingabi ngameva komunye.
Ingukuzwela omunye njengoba nawe
Ungathanda ukuzwelwa ngabanye.
Ingukuzendlala phansi uphezulu
Uzifojise lapha uphakanyisiwe
Ingukuzithoba komncanyana nom'uphezudlwana!
Iwukweswela nhlobo ukukloloda
Laph'igama lakho linguhalaliswayo;
Iwukuba nguyena uthulisiwe
Laph'amagam'okuziphindisel'eyinsada
Ingukuzikhuza, mngane, uzukhuzisisa,
Laph'umuzwa wokufun'ukulaya
Ukugubhisa isifuba ngalo ulunya;
Laph'impama yempindisel'ebabayo
Ingumhlaba ohlonga bon'ubungcwele.
Iwumoya wobuhlobo nobambiswano;
Iyinqobo yokwenza ngeqiniso izinto
Laph'inkohliso nokulingeka kugasela.
---------------------------------
Ake ngixoxe ngesikothi eselithanda ukushabalala emakhaya akwaZulu. Isiko lokuhlonipha bandla. Kwakuhlonipha ikakhulukazi abesifazane. Phela lokhu kuhlonipha kusho ukungagaguli ngegama into ebiza ngegama umuntu ohloniphekile. Kwabe kuhlonishwa abasemzini lapho umlobokazi endele khona noma lapho intombi iqome khona. Ngenxa yokuthi intombi ihlonipha nala ingeyikwendela khona, cishe kwakuhlonishwa nje yonke imizi. Abesilisa nabesifazane babehlonipha futhi amagama amakhosi. Ngesikhathi sikaMpande, wawungeke uyibize impande ngembaba, ngesikhathi sikaCetshwayo wawungeke uthi uzongiceba, kwakuyobe awunanhlonipho, ubiza izinyane lesilo ngegama. Nezikhulu zamakhosi zazihlonishwa. Ubani nje lingaka owayengakhuluma ngokusiphula emihleni kaMasiphula kaMamba? Abize induna yenkosi ngegama? Efuna ukubonani? Wawungalokotha uthi usobani umnyama ngesikhathi sikaMnyamana? Awusho ngani ukuthi umpisholo? Amagama okuhlonipha awapheli ngoba ehlukene ngezindawo ngezindawo. Abahloniphayo izinkomo bazibize ngokuhlonipha bathi: 'izimata'. Lapha ngezansi ngizofaka uhla lwamagama esiZulu nalawo okuhlonipha engikwazile ukuwathola.
inkomo...........imata
indoda...........inyepha
umfana...........umchakisana
ihhashi..........igibelo
ilanga...........itshida
umuzi............umkhaya
umuntu...........umenzo
imali............insebenzo
umoya............umhunguzo
amanzi...........amacubane
umnyaka..........umntwasa
ukudla...........ukumaya
chitha...........sakaza
bumba............bodonga
okubili..........okunkwica
ubisi.........uchago
imbuzi...........intshitane
inja.............ingcanga
inhliziyo........intshefane
inyoni...........intusa
ihele............inuma
inhlamvu.........inunku
ilisu............inu
sonta............nwila
landa............nxasa
isithebe.........isinyabelo
ivila............inyakunya
indlela..........inyathuko
izinkobe..........izimpothulo
hlakula...........nyendeza
iso..............iqaphelo
umlenze...........umsimamo
ekuseni...........ekuyabukeni
unwele............usonto
intuthu...........intunqa
vela..............thuza
intombi...........intshiki
kuyanuka..........kuyantshoha
umlilo............umtubiso
izinkuni..........izintezo
iva...............ibangulo
umfazi..........umnazi
bhula..............ncibula.
Ngiyabonga.