|
0 registered (),
7
Guests and
2
Spiders online. |
|
Key:
Admin,
Global Mod,
Mod
|
|
|
#31031 - 05/04/06 01:04 PM
Re: UK University Rankings
|
Nduna
Registered: 08/20/01
Posts: 480
Loc: Leamington Spa
|
Quote:
kariiiiii ikhosovo ingaphi lapha angiyiqavanga???????
72. Coventry 61.42 26 
|
|
Top
|
|
|
|
#31034 - 05/07/06 07:09 PM
Re: UK University Rankings
|
Ngqwele
  
Registered: 01/04/03
Posts: 176
Loc: KwaGuqangamadolo
|
KuMzilikazi kaMashobana, Esizweni asakhayo wasibumba, Sikhule njalo sidlondlobale, Size sibalwe njengesinye Sezizwe ezinkulu zomhlaba.
Wayinkinga Mfundo
( inkondlo eyabhalwa uMnumzane John Charles Dlamini, owayezibonga ngokuthi unguBulima Ngiyeke)
Ngingufakazi oqanda ikhanda, Ngibabonile ngawo lawa Bebhayiza befunana nawe mfundo, Bengenqeni ukukhokha ezinkulu izimali Ngokufunela abantababo imfundo engcono. Bazula abantu, babhayiza abantu Befunana nemfundo engcono yokufundwa, Babhayize baze bayofundisa ezabo Ezikoleni zikaMfo kaMnanayi ukuze zizuze. Ngibezwile abanye besifazane bekwitiza IsiNgisi nokuncane kwabo esitaladini Bacabanga ukuthi izimpande zemfundo Zigxile esiNgisini esingumphumelelisi Wabatapi bemfundo yomfana webala. Ngibabonile abangezona izinkinsela Bencela izithupha ngokuswela imali Ukuze nezabo zimfimfithe ephezulu Imfundo ziphothuleke ngesiNgisi, IsiNgisi esithathwa njengomvuli masango.
Ngibezwile bekhononda ngezikole zabamnyama, Ngibezwile bethi akukho mfundo kwezabamnyama.
Kodwa ngingufakazi oqanda ikhanda, Ngingabakhomba abafunda kwezabamnyama, Ngingafakaza ngensebenzo yabo encamisayo, Ngingazikhomba izifundiswa ezinhlobonhlobo Ezancela kwezabamnyama befundiswa abamnyama, Ngingabakhomba abafundiswa kwezabamnyama Kodwa bacaca emaNyuvesi abamhlophe, Kanti imfihlo ibacashelephi? Kungathi imfihlo ikuthisha nakumfundi, Imfundo iyagqilaza iyalenyanya ivila, Ekufundiseni imfundo iyagqilaza kuthisha, Othisha abakitazwa uVilavoco abafundisi, Abafundi abakitazwa uVilavoco abafundiseki.
NasesiNgisini ngingafakaza ngezincwincwi Zakithi ezincinde kwezakithi kwaMalandela.
Angifisi ukuzibona ngiwumshungu wezethekeli, Ngiyothekela imfundo yezinga eliphansi Ngokuzama ukuntshontsha isiNgisi ngokukhohlwa Ulimi lwami ngigcine ngokulwedelela; Angifisi ukwedelela ulimi lwami oluhambisana Namasiko ayiziko lempilo yami ngokufudumalisa Umphefumulo wobukhona besizwe ngokuzimela.
Imfundo okuyiyona ukushada namabhuku, Ukushukashukeka emendweni wamabhuku, Ukushukashukeka ngokudlinza ngezinkinga Ezivezwa amabhuku nendalo jikelele, Kukhanye ubudlelwane endalweni nasempilweni, Kukhule ukucacelwa kukaZicabangele, Kuzaleke uZikhulumele noZenzele onohlelo, Kubuse uZimele nohlelo olucatshangiwe Olunewozawoza ngokuqhakaza kukaNsebenzo, UNsebenzo akagqilazeki ngoba unothando.
Mazibuye emasisweni.
Angibonge.
_________________________
Indab' ibekelw' amazolo
|
|
Top
|
|
|
|
|
|
Shaya FM is currently OFF AIR. Sorry to disrupt your listening. Your favourite radio station will be back on air ASAP!
|
|
|
|
|
1
|
2
|
3
|
4
|
5
|
|
6
|
7
|
8
|
9
|
10
|
11
|
12
|
|
13
|
14
|
15
|
16
|
17
|
18
|
19
|
|
20
|
21
|
22
|
23
|
24
|
25
|
26
|
|
27
|
28
|
29
|
30
|
31
|
|
|
|
|