Angizange ngisho mina ukuthi abakwaMthwakazi kababe ngamaZulu, cha!Inkinga sisuke singasatholani kahle ekuxoxeni ngenxa yokungazwisisi i main thrust of the argument/discussion.
Mina all I am saying is, malibhekisisa i history yesiNdebele from insuku zamaKhosi akwethu, right through to the 40s, 60s, and 70s isiNdebele remained a resilient language from Shona influences because as a Language, bekune Leadership, abaholi, - bona o Sigogo, nabo B Makhalisa.
Njalo in the 70s i govt of the day yasisiza isizwe sikaMthwakazi, kwaba ne Radio Mthwakazi, eyayi qinisekisa ukuthi uMthwakazi ukhuluma ulimi olucacile, iphethwe ngabo Luke Mnkandla (uLMK) nabo Thandiwe Khumalo (usis Thandi). Kwathi kungena oGukurawundi, inhloso yayivele iyikubulala isiNdebele loMthwakazi jikelele, as enunciated in the 1979 Grand Plan. Fundani iGrand Plan liyizwisise. Bayayiphika abalobi bayo, kodwa izenzo zabo ziyayiqinisekisa. Okufana nokuthi namhlanje virtually uMthwakazi wonke, either can understand or speak Shona or both,including omagogo emakhaya nabomkhulu. Bekungenjalo in the 60s, 70s and in 1980. This is a deliberate colonisation of one African nationa by another, a people who so bravely faught i colonialism through imfecane, nemzabalazo eyesikhathi esedlule.Ngiyadana mangisizwa abanye bethu bethi akukho nkinga ukuthi samkele o 'khwanisa', nabo, 'mainini', thina sivele sisazi ukuthi izitha zethu zivele zilinde ukubona lokhu kusenzeka, given their 1979 Grand plan designs. Whilst I accept ukuthi indimi zidynamic, lokhu kujwayelekile ukuthi kwenzeke naturally over the course of time, hatshi ukuthi kuvele kube yidesign, inhloso elotshwa phansi emaphepheni ukuze kuthiwe "refer back to ensure that our programs are still on course!". Ngisho yona iprogram phela yoku bhidlisa isiNdebele ne sizwe sikaMthwakazi!!!
Ekuvuleni okusemthethweni kwe Old Bulawayo, ngesikhathi uMnumzana Dumiso Dabengwa esaphethe ezasekhaya (iHome Affairs), uye wavakasha umntwana wesikhosini samaZulu, usiKhwicamfundo Mangosuthu Buthelezi, wasincoma isizwe sikaMthwakazi, ebabaza ukuthi ngemva kweminyaka eminingi kangaka, lusaphila ulimi njalo lusahlabusa, njengasendulo. Washo etshela amakhosi akwaMthwakazi, wathi ibambeni ningayekethisa, qhubekani ukuze okhokho balale ngokuthula. Lamanje kukhona amaqembu athize a qhuba nomsebenzi wokuvuselela ubudlelwano nesizwe senkosi uShaka.Ngempela, ngempela angikwazi ukuthi kuyini, okusuke kungani kukhathaza abanye bethu, kundaba le yamaZulu.IsiZulu sivele sona yiyona mpande yendimi zonke ezikuBantu group of languages. Singabe kumbe sisho isiXhosa, isiShangane, isiNdebele saseMzansi, kuphondo lase Mpumalanga, isiSwathi.
Ngifuna njalo uku cebisa abanye bethu abangakaze baphile lapha emzansi ukuthi, isiNdebele saseMpumalanga province sehlukile kakhulu nesiNdebele sakwaMthwakazi. Ligama nje elifanayo. IsiNdebele saseMzansi sithatha kakhulu esiSuthwini (Sotho language), whereas isi Ndebele sakwa Mthwakazi sivele sona yisiZulu ngamanye amagama. Ngikhule mina ngifunda isiZulu as school set books kwelikaMthwakazi. UmZulu uzwa ngcono umuntu okhuluma isiNdebele sakwaMthwakazi, kodwa kusuke kube yinkinga lapha la lapha ukuthi bazwane nomuntu okhuluma isiNdebele saseMzansi.
Umzekelo: amaNdebele aseMzansi bathi " inako itshayile" thina kwaMthwakazi sithi, "isikhathi sitshayile", ngesiZulu bathi, "isikhathi sishayile". Liyabona ke ukuthi uMthwakazi no Mzulu, baye zwana, "inako" kuvela kusiSotho/siTswana.