|
0 registered (),
7
Guests and
2
Spiders online. |
|
Key:
Admin,
Global Mod,
Mod
|
|
|
#33249 - 01/30/07 07:15 PM
History of amaNyandeni
|
Mafikizolo
Registered: 12/19/06
Posts: 18
Loc: RSA
|
I need help. My heritage is of the Nyandenis. All I know is that NginguNyandeni oMpofu, uGasela kaMashobana. Half the family says Nyandeni was Mzilikazi's adopted son from abesuthu and others say he was Mzilikazi's younger brother. What do you know? Thanks
|
|
Top
|
|
|
|
#33371 - 02/19/07 03:31 PM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Zwangendaba]
|
Mafikizolo
Registered: 12/19/06
Posts: 18
Loc: RSA
|
Ngiyabonga imizamo yakho Zwangendaba. Thina maNyandeni sazi ukuba kwaZulu sakhe eNtumeni eduze naseShowe. Ngoba yikhona lapho uNyandeni wayenomuzi ngakhona kodwa awuveli umLandu wakhe esehambe noMtungwa (uma ngempela wahamba naye) kodwa umbuzo usala uthi: Wayengufowabo olandela uMzilikazi kumbe engomunye wamadodana akhe na?
Ngezithakazelo nokulandela imvelaphi yamaNyandeni kwaZulu sithola uNyandeni engu: Gasela, uKhukhuza kaMashobana Onsundu ophuz’amanzi ngokuwabona
Uma uchaza ngoyihlomkhulu uwayekhokhela ibutho leNyanda sokungani kuzohambelana ngoba sinokhokho wethu owayengu Shakalisa (Tshakalisa) abadala bathi naye wavela ngakuwo lumango owuqambayo ngemva kokushabalala kombuso wamaNdebele.
Omunye ukhokho wayesempini yeSiziba ikhokhelwa NguNdiweni neqhawe elalithiwa nguSigogo.
Yikho lokhu okwaziwa abadala mayelana noNyandeni koMthwakazi. Uyalahleka lumlando ngoba abaningi bethu maNyandeni abuyela eShowe ngenkathi izwe lithathwa ngabelungu. Nempela bakhona okhokho lana eShowe babizwa Impenduki (Maphenduka) ababanye abafika bakhonza emaXhoseni kwaSigcawu ngoMpofu.
Siza bo!
Nyandeni
|
|
Top
|
|
|
|
#33410 - 02/22/07 02:48 PM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Nyandeni]
|
Mafikizolo
Registered: 12/19/06
Posts: 18
Loc: RSA
|
Kengibuze ngolunyuhlobo: uMzilikazi KaMashobana wayezelwe eyedwa yini? Ukhona omunye ebandla ongasisiza ngokulandisa ngomdeni kaMashobana (uyise kaMzilikazi)? Angikaze ngiyizwe neze khepha sinabo phakathi kwamaNyandeni abazalwa uMashobana. Kungani ingaphathwa lendaba. Eyinye engaphathwa ngekaNkulumane Nyandeni
|
|
Top
|
|
|
|
#33415 - 02/22/07 07:09 PM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Nyandeni]
|
Mafikizolo
Registered: 12/05/06
Posts: 48
Loc: Emzini Wegolide
|
Yebo Nyandeni...imnandi kakulukazi indaba kaMzilikazi, mina ngisawuthungatha umzila wakhe okwamanje, sengihambe ngayofika eTilehe, lapho isizwe samaNtungwa sakhele khon akwelikaMthaniya, lapho engamukelwa ngempatho ebunenekazi... Ngokwazi kwami min auMashobana wazala uMailikazi kwindodakazi ka Zwide, uNompethu, engithemba ukuthi laba bobabili bakhulela esikhosini sakwa Ndwandwe kaNongoma. Wabuye wathola indodakazi okwakugama layo uNjiya, engingakwazi ukuphawula ingabe wayelamana noMzilikazi. Kwathi ke yena uMzilikazi wabusiswa NgoLobhengula, , uMangwana, uThobela noNkulumana. Ngingakwamukelwa ukwelulekwa mangabe ngiseng anezimithiyo. Kuyadedelwana, sinani bakaMthwakazi, giyani bakaMashobana, gxambukani bakaMthaniya
_________________________
Oyishayile akakayosi, oyosile akakayidli..oyidlile usesmokweni
|
|
Top
|
|
|
|
#33420 - 02/24/07 12:37 AM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Mahl1nz1nja]
|
Ngqwele
  
Registered: 01/04/03
Posts: 176
Loc: KwaGuqangamadolo
|
Kuwena nkomo isengwa ilele!Ake ngiphawule engikwaziyo mina ngomlando walab'abantu ababizwa ngabakwaNyandeni. Ngizoqala kanjena: Ibizo uMashobana kwakuyigama elejwayelekile emandulo, okungukuthi babebaningi abantu ababebizwa ngoMashobana! Yingakho ngibona sengathi wukubhimba impela ukuthi wonkana uMashobana wasemandulo bezalwa uMntungwa kaMbulazi. Engikufumene mina ekuphenyeni kwami wukuthi abakwaNyandeni abantu badabuka eBathenjini. Sizokhumbula ukuthi emandulo lab'aBathembu babakhelene naMaMbatha kanye naMachunu kanye nabakwaMabaso, yingakho bathathwa njengamaNtungwa-Nguni. UMnz. Reggie Sipho Khumalo uyibeka kanjena imvelaphi yaBathembu: Igama elithi Thembu lisuselwa esithenjini, lapho umuntu eganwe khona ngamakhosikazi amaningi. Kusengathi nesizwe saBathembu savela kanjalo. Isizwe saBathembu singesinye sezinsika zakwaZulu.
Inzalabantu yendlunkulu yaBathembu kwakunguMangqiyima. Njengoba ngiyengasho ngaphambilini, aBathembu babakhelene nabakwaMabaso; okungukuthi babehlobene ngandledlana thize. Ngokulandisa kuka-Rev. A.T. Bryant, nansi indaba yokuqhamuka kolibo lwabantu bakwaNyandeni: A certain Thembu chieftain - it may have been Mangqiyima himself - as was most chieftains' wont, got himself somehow entangled, amorously, with his `tribal sister', daughter of a clansman named Mabaso. The upshot was, he had to marry her, despite the exogamous law forbidding. To put things legally straight, the Mabasos now proclaimed themselves an entirely separate clan, into which any Thembu chief might henceforth marry at will.
The particular marital venture in point turned out a miserable failure - the bride presented her lord with nothing but a bunch of girls, a commodity in the production of which no self-respecting Nguni progenitor ever prides himself. Mabaso, the girl's father, was equal to the occasion. When next his daughter's days were come that she should be delivered, he made a point of being personally on the spot to superintend arrangements. As before, a wretched (sic) girl was born. Now, Mabaso had taken the precaution to bring along with him a long bundle (Zulu: iNyanda; Locative: eNyandeni) of grass, ostensibly for the thatching of a hut in the kraal. But inside the bundle he had secretly concealed an infant boy, opportunely filched (sic) elsewhere. Being informed of betimes of his daughter's misadventure (sic), he promptly extracted the boy from the bundle (eNyandeni) and deftly slipped it alongside the infant girl just born, thereafter proceeding to announce to the family with obvious pride that at last his daughter had presented them with what they wanted, a son and heir, one of a pair of twins. The boy was later christened Mvelase; and from him was descended that section of the Thembu clan, the house of Gazi, which, on the migration of the other section coastwards, had remained up-country, and was generally referred to as abakwaMvelase owavela eNyandeni.
Ukuzalana kwendlu enkulu yaseBathenjini (ngamanqampunqampu): uMangqiyima wazala uGeze wazala uNdaba wazala uMnisi wazala uJama wazala uSojabha wazala uMashobana wazala uFunwayo, njalo njalo. Ukwelamana kwabakwaNyandeni (ikhohlo): uNyandeni wazala (?) uMvelase wazala uGazi wazala uMkhubukeli wazala uNgoza, njalo njalo. Izithakazelo zakwaMthembu: Mthembu, Mvelase, Ndaba, Mnisi wemvula. Wen'owathembel'enjeni, Wath'ayizali. Mthembu waseSubase, S'qeza sikaMbuyazi, Wen'owavel'enyangeni.Phansi phezulu, iyaphuz' inkukhu!Azibuye emasisweni.
_________________________
Indab' ibekelw' amazolo
|
|
Top
|
|
|
|
#33440 - 02/26/07 08:04 PM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Ndukuzibomvu]
|
Mafikizolo
Registered: 12/19/06
Posts: 18
Loc: RSA
|
Kuyabongeka ndukuzibomvu osichathekela khona njalo siyamazi umVelase futhi kasali ukuthi bakhona abakwaNyandeni njengokuchasisa kwakho. Insala mfowethu ukuthi Unyandeni esifuna umlando wakhe simazi ngempela ukuthi ngoka maShobana kaMtungwa, KaMbulazi.
Sizani-bo ngombuzo osasele phakathi kwamaNyandeni owukuthi izikhwica zomlano wamaNdebele kaMtungwa ziwela ngaluphi hlangothi phakathi kwamaNyandeni athi ukhokho wabo wayengumfowabo kaMzilikazi ikanti abanye bathi wayeyindodana yakhe ayithumba ebuSuthwini.
|
|
Top
|
|
|
|
#33441 - 02/26/07 08:10 PM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Ndukuzibomvu]
|
Mafikizolo
Registered: 12/19/06
Posts: 18
Loc: RSA
|
ngilibele njalo ekuvumeni kwami ukuthi ziningi izizwe zabenguni ezinabo oNyandeni kanye nabeXhosa banayo indawo yakwaNyandeni eyathiwa ngalolelo ngoba inkosi yabo "iwele umlambo ngenyanda". Lokhu akusho-ke ukuthi onke aManyandeni adabuka lapho. Ngempela amamnye aphuma khona ekoloni, amanye aphuma kwazulu kwamvelase ikanti sisafuna angamantugwa. Nyandeni
|
|
Top
|
|
|
|
#33443 - 02/27/07 09:43 AM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Ndukuzibomvu]
|
Mafikizolo
Registered: 12/05/06
Posts: 48
Loc: Emzini Wegolide
|
Igama lalencwadi kamfundisi uBryant ngabe lithini...ngilethemba ukuthi liqukethe oju olumnandi ...
_________________________
Oyishayile akakayosi, oyosile akakayidli..oyidlile usesmokweni
|
|
Top
|
|
|
|
#34098 - 06/19/07 11:51 AM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Ndukuzibomvu]
|
Mafikizolo
Registered: 06/08/07
Posts: 1
Loc: South Africa
|
MaMvelase Amahle Ngicela uku buza izithakazelo zonke zakwaMthembu.engizitholile zithi MTHEMBU
Mvelase Nin'enavel'eNyandeni Ngomthwalo wakwaMabaso Nina bakwaGogolazitha Nina bakwaNobasali Nina bakwaVezi uNonyanda Nina bakaNgoz'akakhokhobi Ngoba wakhokhobel'izinkomo zamadoda Nina bakaVezi kaMandulo Nina bakaNotsele kaNodada Nina bakaSibhuzikazi simayikayika Nina bakaPhumuz'abant'amaphiko BaThemb'abaseng'inkom'izele Nina bakaGude Nonjolo! Madl'amathiban'indlal'iwile Nina bakoNonyezi Amahwanq'amakhulu Nina baseQhudeni Ngokudl'iqhude lifile Khathide! Maphanga! Zakwe! Kunene! Jubane! Sobuyase! Nezithi Izithakazelo zakwaMthembu: Mthembu, Mvelase, Ndaba, Mnisi wemvula. Wen'owathembel'enjeni, Wath'ayizali. Mthembu waseSubase, S'qeza sikaMbuyazi, Wen'owavel'enyangeni.
Yiziphi ezangenpela? From Themba Mthembu
|
|
Top
|
|
|
|
#34114 - 06/20/07 03:15 PM
Re: History of amaNyandeni
[Re: Timothy]
|
Ndunankulu
Registered: 02/06/04
Posts: 653
Loc: Mtubatuba
|
Mvelase
Uma ngabe unguMthembu wangempela, you wouldn't be asking us non Mthembus as to the true & correct zithakazelo zakho. You should be telling us wena self.
Work hard at knowing usapho lwakini. Buza abakini, khuleka emsamo, bika emadlozini, okhokho bakho. Bayoku bonisa indlela. Shona KwaZulu, bona amakhehla akini kwaMvelase, xhumana nenkaba yakho - bazokwabela imvelaphi yakini. Ngeke baze bakulahle. Yiyona nto engayenza mina Nkwali yenkosi, uNdong' omkhulu wangaphesheya koThukela!
Otherwise uma ubuza laph' esigungwini, kovela ophoshozwayo, ama specialiasts kwi ndaba zabantu: oMoyo, oNcube, Tshuma nabo Sibanda. Clowns & pseudo experts - uzwe sebeku tshela ukuthi wena ungu sibanibani kasigodophenduka wakwa simbilikicana! Kobe yikona ukuduka kwakho. Next time ushona emsamo, ubiza abakini ngezithakazelo abangazazi. Gwiqiqi nanku umkhokha, nawa amabhadi!
Qaphela ndoda.
_________________________
uShamase wangempela!
Umqwashisi - impohlo engenankinga!
Igcokama likaNdonga.
Isishwapha sikaSomkhele.
Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana!
Futheka mnyekefuli.
Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo!
|
|
Top
|
|
|
|
|
|
Shaya FM is currently OFF AIR. Sorry to disrupt your listening. Your favourite radio station will be back on air ASAP!
|
|
|
|
|
1
|
2
|
3
|
4
|
5
|
|
6
|
7
|
8
|
9
|
10
|
11
|
12
|
|
13
|
14
|
15
|
16
|
17
|
18
|
19
|
|
20
|
21
|
22
|
23
|
24
|
25
|
26
|
|
27
|
28
|
29
|
30
|
31
|
|
|
|
|