THIS FORUM HAS NOW MOVED TO WWW.INKUNDLA.COM/FORUM.
Links

Inkundla Recent Posts
Who's Online
0 registered (), 7 Guests and 2 Spiders online.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Newest Members
Ngwako, flamz, kyotik, nyawana, Manqotshana
2964 Registered Users
Topic Options
Rate This Topic
#33265 - 02/02/07 12:44 AM Imvelaphi yomndeni wabantu bakwaNdebele
Ndukuzibomvu Offline
Ngqwele
****

Registered: 01/04/03
Posts: 176
Loc: KwaGuqangamadolo
Ingabe abantu bakwaNdebele bavelaphi? Mangisho ukuthi empeleni imvelaphi yolibo lwabantu bakwaNdebele ingwadla, unyawo lwemfene uqobo. Abavumelani ochwepheshe bomlando ma sekuxoxwa ngomsuka wesibongo sakwaNdebele. Eyami injongo lana akuyona ukudida udaba, ngempela angiqondile neze ukudala ingxovangxova. Ngifisa nje ukuthi kesiyidingide kabanzi, mhlawumbe kuningi esingakufunda emphakathini. Ngethemba futhi ukuthi abakwaNdebele abashiseka ngomlando womndeni wakwabo bazosizakala.

Ngizoqala mina ukuphonsa itshe esivivaneni somlando wakwaNdebele, yize ngingasiyena owakwaNdebele umuntu. AbakwaNdebele bahlobene ngandledlana thize nabantu bakwaMtshali (abakwaHlabangani phela). Inzalabantu yolibo lwakwaMtshali sengathi uMantshinga. Nantu uhlu lwezithakazelo zakwaMtshali:

Mantshinga
Magalela agasele njengeNgonyama
Hlabangani elimhlophe elithe qhwa
Nina bakaSiwangu
Nina bakwaMthiyane
Nina bakwaMlambo
Nsele.

AmaNtshali abaNguni base-Mbo, hhayi aMaNtungwa. Ngezikhathi zawoZwide kaLanga, iNkosi yamaNtshali kwabe kunguMlotha. Lona Mlotha namadodana akhe wonke babulawa uZwide [uNxumalo], kamuva kokuqhamuka kodweshu olukhulu phakathi kwaMaNdwandwe naMaNtshali. Kuthiwa uMlotha washiya lapha emhlabeni indodakazi yakhe eyodwa qha, okungukuthi ekukhothameni kukaMlotha kwadaleka inkinga yokuswelakala kwendlalifa. Pho yabe izovelaphi leyondlalifa yakwaMtshali, ngoba wonkana amadodana kaMlotha abulawa noyise? Yikhona lapho kwaqhamuka abantu bakwaNdebele, abagcina bezibiza amaZalankosi! Ehhe, lokhu kukhombisa ukuthi laba abakwaNdebele yibona abatshala imbewu la ekhaya lakwaMtshali, ukuze isizwe singashabalali. Inkinga yakuqala ukuthi ingabe ngobani lab’abantu abazibiza amaZalankosi (abakwaNdebele)? Ochwepheshe bomlando bayavumelana ekutheni umuntu owaganwa indodakazi kaMlotha igama lakhe kwabe kunguKhondlo; lona Khondlo wazala indodana uMagalela, owazala uHlangabeza. Inkinga ukuthi wabe engubani lona Khondlo. Abanye ochwepheshe bathi uKhondlo wabe engumfowabo kaMlotha, okungukuthi uyena lo mlisa owagcina eganwa indodakazi kaMlotha, ukuze avuse iNdlunkulu yakwaMtshali. Eyesibili inkinga ukuthi empeleni ubani uyise kaHlangabeza. Abavumelani lana ochwepheshe. Bakhona abathi bekade ezalwa uMagalela uHlangabeza, kanti abanye bayalandula, bathi bona uyise woHlangabeza wabe enguPhahlane, ingani abanye futhi bathi wabezalwa uMantshinga, indodana kaNsele. Lokhu kushukuthi mhlasimbe uPhahlane lona, kumbe futhi uMantshinga, uyena owaganwa indodakazi kaMlotha. Nansi-ke ingqikithi yengqinamba: babengobani lab’abantu bobathathu: uMantshinga, uPhahlane, noKhondlo? Okwaziwayo wukuthi umndeni kaKhondlo kuthiwa wagcina ubizwa abakwaNdebele, amaZalankosi (ngoba yibona abazala iNkosi yakwaMtshali kamuva kokukhothama kukaMlotha). Eyokugcina inkinga yilena: abanye ochwepheshe bathi uKhondlo lona kwabe kungumuntu wakwaNxumalo! Ehhe, sizokhumbula ukuthi uMlotha namadodana akhe babulawa uZwide.

Ayidle izishiyele!

Azibuye emasisweni.

Ngiyabonga.
_________________________
Indab' ibekelw' amazolo

Top
#33268 - 02/02/07 08:37 AM Re: Imvelaphi yomndeni wabantu bakwaNdebele [Re: Ndukuzibomvu]
Mahl1nz1nja Offline
Mafikizolo

Registered: 12/05/06
Posts: 48
Loc: Emzini Wegolide
ithi ingaba nkulu, iphice abadala...ibuye ingasazekeki...
_________________________
Oyishayile akakayosi, oyosile akakayidli..oyidlile usesmokweni

Top


Moderator:  Jakalas 
ShayaFM
Shaya FM is currently OFF AIR. Sorry to disrupt your listening. Your favourite radio station will be back on air ASAP!
New Topics
May
Su M Tu W Th F Sa
1 2 3 4 5
6 7 8 9 10 11 12
13 14 15 16 17 18 19
20 21 22 23 24 25 26
27 28 29 30 31
Top Posters
Mabila 2123
Zwangendaba 1391
Dokotela 1298
Lobengula 1077
BhudiMathawuzeni 810