THIS FORUM HAS NOW MOVED TO WWW.INKUNDLA.COM/FORUM.
Links

Inkundla Recent Posts
Who's Online
0 registered (), 7 Guests and 2 Spiders online.
Key: Admin, Global Mod, Mod
Newest Members
Ngwako, flamz, kyotik, nyawana, Manqotshana
2964 Registered Users
Topic Options
Rate This Topic
#33292 - 02/08/07 03:41 PM Amadlozi
Thembinkosi Bulose Offline
Mafikizolo

Registered: 02/07/07
Posts: 7
Loc: Western Cape, South Arica
Amadlozi

Abantu abamnyama njengazo zonke ezinye izizwe babenayo inkolelo yokuthi akhona amandla angaphezulu (uMvelinqangi okuchaza ukuthi wavela kuqala). UMvelinqangi uhonishawa kakhulu kangangoba umuntu akakwazi ukukhuluma naye bukhoma, kulapho-ke amadlozi angena khona. Amadlozi abakhulumeli noma abaxhumanisi phakathi kwabantu abaphila eMhlabeni no Mvelinqangi, isizathu salokho ukuthi njengoba sebasishiya lana eMhlabeni kukholelwa ukuthi sebesondele kuMvelinqangi. Amadlozi awokhonzwa njengoba abantu besho, kodwa kukhulunywa kuwo ukuze adlulise umyalezo kuMvelinqangi. Okubuhlungu kakhulu ukuthi abantu bakithi sebeyinyathele phansi lenkolo yakwantu ngenxa yobuKristu. Uma umuntu ebheka ngaphandle uzothola ukuthi, amaSonto agcwele ayaphuphuma abantu bakithi abagxeka inkolo yakwantu ngenxa yezimfundiso ezibuya kolunye uhlanga lwabantu. Okubuhlungu kakhulu ukuthi lababantu abagxekayo, abazi nokuthi kwakwenziwani uma kukhulunywa amadlozi ekhaya kulingiswa izinkinga.

Ibhayibheli uma lifundwa kuvela umlando wamaJuda hayi owabantu abamyama, even namagama abantu akhona kulo babengekho oThembinkosi noRefilwe no Teboho. Abantu bakithi namhlanje bacula Ibhayibheli sengathi labhalwa yibona kanti cha. Lencwadi yatolikwa ukwenzela ukuthi ifinyelele kubantu bayifunde, ukuze kwenzeke ngendlela lena okwenzeka ngayo namhlanje. Amasiko ethu ayizimpande zesizwe njengezimpande zomuthi. Uma unqamula izimpande zomuthi, lowomuthi ufana nofileyo ngoba awusophinde ukwazi ukuthola ukudla nomsoco emhlabathini. Lowomuthi ufa umile noma usheshe uphuke kodwa uyoqala ushe phezu namahlamvu awe kancane kancane uze wome wonke. Bhekanini kulesisizukulwane esimnyama seBhayibheli esikhona manje, uma kukhulunywa ngemvelaphi yakwantu namasiko kusuke kukhulunywa ngamanyala yet izizukulwane zabalobi nabatoliki futhi neziphawulekayo eBhayibhelini ziphethe wonke umlando wakwantu zize zenza nemali ngawe. Amazing thing is the likes of oThimothewu no Jobe and places like Israel and eGypt zaziwa engathi umuntu uke waya khona kanti akalwazi uThukela neMfolozi.

Engikushoyo nje ukuthi bafowethu nodadewethu asingabi othathekile asiziqhenye ngemvelaphi yethu sihloniphane sithandane. For those who believe by wearing a Mercedes Benz badge you automatically become one, that is bull S@#&*. Wake up and smell Africa uyihlabe leyombuzi yomsebenzi ungahlonizi.
_________________________
umthunzi wamatshitshi

Top
#33305 - 02/09/07 11:14 AM Re: Amadlozi [Re: Thembinkosi Bulose]
Mahl1nz1nja Offline
Mafikizolo

Registered: 12/05/06
Posts: 48
Loc: Emzini Wegolide
Knaje oBulose yibona oShinga...oNdelu? Yebo ngiyavuma ukuthi izinhlanganiso ezifana noSPCA ziyabheda nje, kasingabavumeli bebhidliza amasio ethu ....
_________________________
Oyishayile akakayosi, oyosile akakayidli..oyidlile usesmokweni

Top


Moderator:  Jakalas 
ShayaFM
Shaya FM is currently OFF AIR. Sorry to disrupt your listening. Your favourite radio station will be back on air ASAP!
New Topics
May
Su M Tu W Th F Sa
1 2 3 4 5
6 7 8 9 10 11 12
13 14 15 16 17 18 19
20 21 22 23 24 25 26
27 28 29 30 31
Top Posters
Mabila 2123
Zwangendaba 1391
Dokotela 1298
Lobengula 1077
BhudiMathawuzeni 810