Bengilalele ingxoxo kaBongz loMnu Dube ongumhlabeleli osacathula wakwaMthwakazi, emsakazweni weSHAYA FM, hhayi madoda uyobhemu kholwe, iphiwe lensizwa yakwaDube, iphimbo layo lingathi lilolongwe ngembodlela ubutshelezi, kuthi amachacho lana ahlanganisiwe impela, ulozolo lwento, uju phela. Insizwa yakwaDube isinikeza umculo oseqophelweni eliphezulu kakhulu. Siyaziqhenya Mthwakazi ngalensizwa, bengiqala ngqa ukuzwa ngayo noma umculo wayo kodwa ngibheme ngakholwa.
Siyitshayela ihlombe lensizwa, kuzoba kuhle ukuthi aqhubeke ayimbe njalo.
Edited by Madlenya (07/09/07 08:18 PM)