|
0 registered (),
4
Guests and
1
Spider online. |
|
Key:
Admin,
Global Mod,
Mod
|
|
|
#40179 - 09/18/08 02:30 PM
Ngifunana noDlamini, Malandela
|
Mafikizolo
Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
|
Sanibonani. Senginesikhashana ngangena kulesisigungu, Kodwa angikaze ngazibika. Igama engilisebenzisayo nguNqina Dlamini. uNqina ngomunye wobabamkhulu/wokhokho bami. uNqina ngumfowabo kaNyanya Dlamini okwaba yinkosi yethu (o'Dlamini, malandela) eyokugcina. uNyanya wabulawa ngumuntu owayethunyelwe yiNkosi yamaZulu uShaka kaSenzangakhona.
Emumva kwezimpi ezimbalwa nathi savele sazinikela kwiyo iNkosi uShaka. Kwaba nesikhathi lapha esasihambisana noma sisizana neNkosi yaseLangeni (uZwide) ukulwa noShaka, kodwa emumva kokuhlukumezwa kwamabutho akithi (kwaDlamini) sabaguqukela, satholakala sesilwa nabo (abaseLangeni).
Ngiqale lesisihloko ukufuna ukwazi ukuthi bakhona na abakithi kulesisigungu, okwesibili ngifuna ukubheka ukuthi umlandu wakithi uyaziwa na kulesisigungu.
Izithakazelo Dlamini, Malandela, Luzumane. Bazume Ndaba balibele. Lugagane olwahlaba amaTshali ezibumbini, Athi ayahamba agxamalaze. Mfolozi emnyama inketha baweli........
Edited by Nqina_Dlamini (09/18/08 02:32 PM)
|
|
Top
|
|
|
|
#40200 - 09/19/08 07:42 AM
Re: Ngifunana noDlamini, Malandela
[Re: Gumede]
|
Mafikizolo
Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
|
Ngiyabonga weGumede, ukwamukeleka kulesisigungu. Ngethemba ngizokuzwa imibono ehlukahlukene ngomlando.
|
|
Top
|
|
|
|
#40243 - 09/22/08 01:32 PM
Re: Ngifunana noDlamini, Malandela
[Re: Nqina_Dlamini]
|
Mafikizolo
Registered: 06/12/08
Posts: 40
Loc: Esantini
|
"Lugagane olwahlaba amaTshali ezibumbini, Athi ayahamba agxamalaze."
Dlamini baba kunjani. Akusicazululele isithakazelo sakho lesi ukuthi kahle kahle kwakuhambe njani? Yini ugagame? Njalo ngobani amatshali. Yisiphi lesisitho abahlatshwa khona? babegabafazi kuphela? LingamaSwazi ingabe amaZulu?
|
|
Top
|
|
|
|
#40252 - 09/22/08 05:12 PM
Re: Ngifunana noDlamini, Malandela
[Re: Mbezothuli]
|
Mafikizolo
Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
|
Ngiyaphila Mbezothuli. Ugagane yisihlahla esinameva amakhulu. Here is a linky: Dichrostachys cinerea Abantu bakwa-Mtshali abahlala eDlebe, eMahlabathini. Yisiphi lesisitho abahlatshwa khona? Isibumbu, yinhlamba le. Kusho ukuthi babahlaba ezinqeni (buttocks). Cha, babesempini, ngicabanga ukuthi kwakungamaDoda. LingamaSwazi ingabe amaZulu? Ngokwendabuko singamaSwazi, kodwa sahlulwa iNkosi uShaka, ngalokhoke singamaZulu.(Sikhuluma isiZulu, amasiko asekhaya awabeNguni).
|
|
Top
|
|
|
|
#40254 - 09/22/08 05:27 PM
Re: Ngifunana noDlamini, Malandela
[Re: Mbezothuli]
|
Mafikizolo
Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
|
Nayi enye ilinky yakwa WIKI: Dichrostachys_cinerea Nasi isithombe: 
|
|
Top
|
|
|
|
#41206 - 12/12/08 06:56 AM
Re: Ngifunana noDlamini, Malandela
[Re: Nqina_Dlamini]
|
Mafikizolo
Registered: 06/09/08
Posts: 1
Loc: Durban
|
Bengithi angibuze la kuNqina Dlamini ngezithakazelo zoDlamini Malandela ukuthi zithini sezizonke ngoba nami ngingowakhona kodwa angikaze ngizizwe ezinye zalezibongo. Ngicela ungibhalele izibongo zoDlamini uthi ukunaba kuleziozibhalile
|
|
Top
|
|
|
|
#41597 - 01/06/09 04:44 PM
Re: Ngifunana noDlamini, Malandela
[Re: ngomisto]
|
Mafikizolo
Registered: 02/07/08
Posts: 18
Loc: RSA, Gauteng, Centurion
|
Uthi nawe unguMalandela? Okanye ufuna izithakazelo zabobonke oDlamini?
Naba abanye oDlamini: IZITHAKAZELO ZAKWA-DLAMINI (Nkosi)
Nkosi! Hlubi! Ludonga lukaMavuso, Abay'eMbo babuyelela. Abasidwaba weza nonina. Abengomane yaseMavaneni, Abaqed'uBombo ngokuhlehlezela, AbakwaSibhahuza SikaMabhanda eMpondweni. Inkonekaz'evele ngobusw'emgedeni. USamkethe, esinembay'emaLangeni, UMswazi kaSobhuza. Mlangeni! Nina bakwaKusa nelanga Nina bakwaWawawa. Lokothwayo! Sibalukhulu! Nina beNgwane, Nina besicoco sangenhlana. Kunene!
Ungazama ukusesha kuGoogle uthole abanye oDlamini. Engibaziyo abanye ngo Dlamini Sibalukhulu, Dlamini Khumalo, Dlamini Nkosi. Kanjalo kanjalo. Kanti futhi nasemaXhoseni (e.g. Ntisana, Zizi, Mbeki) nabeSuthu usabathola oDlamini.
|
|
Top
|
|
|
|
|
|
Shaya FM is currently OFF AIR. Sorry to disrupt your listening. Your favourite radio station will be back on air ASAP!
|
|
|
|
|
1
|
2
|
3
|
4
|
5
|
|
6
|
7
|
8
|
9
|
10
|
11
|
12
|
|
13
|
14
|
15
|
16
|
17
|
18
|
19
|
|
20
|
21
|
22
|
23
|
24
|
25
|
26
|
|
27
|
28
|
29
|
30
|
31
|
|
|
|
|