Ngiyanibingelela Nonke

Cha ngithi nami angibeke eyami induku ebandla. Ngingowokuzalwa kaMthiyane osenenhlanhla yokuba noMkhulu noGogo abazala ubaba. Ngokudabuka uMkhulu wakhe esigodini sasePlangweni KwaMaphumulo. Ngeshwa umndeni wakhe washabalala esamncane ngaleyondlela akawazi umlando wesibongo sakithi uma ngimbuza. Ngisho ngizocelwa ngathi uma ngibuza izithakazelo wathi uma abakhwenyana bebize uSkhangane bobe baqedile.

Ngokulandela imibono esengiyifunde kulesisigungu nginokudideka okuncane engicela ukuchazelwa ngakho. UMuntongenakudla (02/18/08) wabeka ukuthi abakwaLanga wuzalo lendlu yakwaNgwane, abangamaSwati ngokudabuka, wase ebiza izithakazelo zabo ngoSthole, oSogodi, oNgwane kaMthiyane, uzalo nendlu yakwaKhanyile.

Ngelanga elifanayo wabuye wachaza ngoNdlovu being many different stripes. Wabathopha ngoGatsheni, Boya benyathi obusongwa busombuluke, oMthiyane. Ngakusasa Elangeni wamesekela naye efaka uMthiyane futhi.

Kanti ngonyaka odlule uNdukuzibomvu noMuntongenakidla basifaka lesibongo ngaphanzi kwesigaba samaLala who are said to originate in the Northern part of Natal. Engingakubonga ngokufunda esengikufundile ezinkulumeni ukuqonda umsuka wokuthefula kwami kodwa angikakaqondi ukuthi sihlangana kanjani namaSwazi. Maybe ngingabeka nje ukuthi at some stage ngake ngangenwa idlozi. Lapho abantu abadala bengilethela imvunulo yami kwakuyizivatho zaseSwazini, lokho okwenza ukuthi ngicele ukuvalwa ngoba ngabona ukuthi ngizoba nenkinga sekumele ngiqondize lezizindaba ezingaziwa nawuMkhulu uqobo.

Ngiyazigqaja ngesibongo sami futhi ngisithanda kakhulu. Ngicela usizo ukuze ngiqonde kabanzi ngaso.

MaSkhangane