uyihlabe esikhonkosini mfokababa.ngiphose nami okubili okuthathu okungabe kusele...
usalakuthselwa, usalakunyenyezelwa
igawu bazawuliluma, bazawuliphimisa
bakhumbul' amagaw' abebesi...
uNgelengele kalingani nantaba
uthe ngokulala wangangemifula
uthe ngokuvuka wangangezintaba...
intab' emahwanqa
laph' okuphelela khona
imihlambi yezinkomo neyamadoda...
umbebe kamama, beba simuke
ohambe bemsola
wabuya bemzek' izibongo...
usisanhloko amanye amadoda
evala ngamaklwa
ilanga limdondoza
lithe liphezulu lansansa...
ngisacela sizichazelane ngoba kukhona okunye engingakwazi ukuthi kubuyaphi.
ukudlunga-ukukhankasa ngolaka
Belebele-ibutho likaShaka
uNodum' ehlezi kaMenzi-wabanodumo engakenzi lutho esemncane
ilanga eliphandle elinye ngemisebe-ukubulala kwakhe uSigujana owayeseqokwe njengenkosi
ophehlwe weva njengomlilo-tried and tested
_________________________
shwabada Mashwabada kaMbome noNgili, izinyane lenkanyamb' okwasa belizingela kwashon' ilanga belalusile.