|
0 registered (),
4
Guests and
1
Spider online. |
|
Key:
Admin,
Global Mod,
Mod
|
|
|
#40814 - 11/02/08 05:22 AM
NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
|
Ngqwele
Registered: 01/19/05
Posts: 196
Loc: KwelikaMjoji
|
Ngemva kokwehlulwa kwenkosi uLobhengula ngabelungu kwimpi yoMvukela wakuqala, akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi isizwe sikaMthwakazi siqoqane, sibuthathane silwisane nabelungu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngemva kokuhlula isizwe sikaMthwakazi abelungu bahlanyisana ngokuthathela isizwe umhlaba waso njalo nempatho ayizange ibenhle neze. Ibutho lakwaGodlwayo kwaba yilona elaqala ukuhlasela abafo lababulala one by one. Kodwa lokhu akusho ukuthi ibutho lakwaGodlwayo bekuyilona ebelilesibindi, sizokhumbula ukuthi ngempi yoMvukela yakuqala lona alizange liphatheke. Kungekudala isizwe sikaMthwakazi sonke ngaphansi kweNkosi uNyamanda sawudobha umkhonto sathwala ihawu, zabambana kwashona ilanga emini. Uthe lapho uRozi ebona ukuthi abelungu bangeke banqobe waqoka ukuba nguMlamlankunzi. Kodwa namhlanje isizwe asivusi ikhanda ngemva kweminyaka cishe engamashumi amathathu sincindezelwe kanzima njalo siphethwe ngesikhulu isihlungu lesi. Kutheni nzalo yamaqhawe?
|
|
Top
|
|
|
|
#40815 - 11/02/08 05:35 AM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: Madlenya]
|
Ngqwele
Registered: 10/07/08
Posts: 127
Loc: LONDON
|
Zikode
Ungabona uMthwakazi engavuki manje wazi ukuthi ngeke aphinde avuke. Sekunjalo sinini sami. 'Ke nako !'. Asiyigandeni manje insimbi isavutha izogoba noma kanjani. Ma sisehluleka manje mina ngithi:
Kulele kunye colubana kubili ngakuyavusana
_________________________
There is no Darkness but Ignorance! Siku Information Age Mthwakazi.
|
|
Top
|
|
|
|
#40817 - 11/02/08 11:30 AM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: JJMATSHETSHE]
|
Nduna
Registered: 10/23/03
Posts: 406
Loc: I've never been to Heaven
|
Zikode
Ungabona uMthwakazi engavuki manje wazi ukuthi ngeke aphinde avuke. Sekunjalo sinini sami. 'Ke nako !'. Asiyigandeni manje insimbi isavutha izogoba noma kanjani. Ma sisehluleka manje mina ngithi:
Kulele kunye colubana kubili ngakuyavusana Matshetshe, nxa sekunjalo, abadala balezwi elihlakaniphileyo elithi "utshani obulele buvuswa ngumlilo" Uyawathola lawamazwi ahlakaniphileyo? Kuwe Madlenya, ukukhala la ebulenjini akusizi ngalutho. Yiba yibutho, mina ngibe yibutho lelo elifana nalelo olincomayo elika Godlwayo. Then-ke, singalungisa umonakalo. Kunjalo-nje, ibambeni, lingay'yeki. Zabalaza!
_________________________
Impi iyoz'ilwe nini? Yithi umgoqo ovimb'esangweni!
|
|
Top
|
|
|
|
#40821 - 11/02/08 01:15 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: Madlenya]
|
Sikhulu
Registered: 03/16/08
Posts: 299
Loc: uk
|
Madlenya mfowethu kunjani.hawu Kwa-Godlwayo futhi. yikhonje leyansizwa yamangalakangaka ukuthi kanti kukhona umuntu ongayazi lendawo. igama lona ngiyalazi kodwa ukuthi ngingayikhomba lutho. mina ngibuya kwaMthwakazi.ingwaba lenkosi uMzilikazi ngindlula kulo njalo. elikaMlamulankunzi nalo lila. amaTshona asafaka ucingo bafaka elinye iTshona ukuthi likhokhise abantu abafuna ukulibona. sikhona thina. singasebenzi. lendawo nami ngathi ngizalwa ivele ibizwa kwaMthwakazi. mina nxa ngifika ekhaya leliTshona lithi bhadara ngilitshela umhlolo.
as for ukuvuka kwesizwe bafowethu sokuyithina esinomlandu. sokuyithina okufanele sidobhe umkhonto nehawu. akusekhomuntu ozosenzela. la indoda ikhona yazi ukuthi ubughqila lobu esiphakathi kwabo yiyo engabuqeda. ukuphela siyaphela there is no question about it.we are dealing with satanic acts being carried out on us. actions whose sole aim is to wipe us off.
|
|
Top
|
|
|
|
#40822 - 11/02/08 02:17 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: duze]
|
Ngqwele
Registered: 01/19/05
Posts: 196
Loc: KwelikaMjoji
|
Indawo yakwaGodlwayo ebizwa ngegama lebutho ebeliholwa nguDambisamahubo iseFilabusi Mr Duze. Abantu bakwaGodlwayo bebesaziwa ngobuqhawe ngesikhathi sabo, kodwa namhlanje amadoda akhona asengabafazi, sebengamadoda ngamabhulugwe nje kuphela. A Ake uzwe lapha Mthwakazi ukuthi Willoughby uthini ngebutho lenkosi uLobhengula: "I believe that no civilised army could have withstood the terrific fire they did for at most half as long" Yiwo amaqhawe engiwaziyo lawa. UMthwakazi ubengesabi ndoda, ubeyilahla phansi indoda ineMaxim yayo. Forbes notes that during the skirmish he and his men heard a considrable amount of firing where Major Wilson was, Shortly thereafter Forbes was joined by three of Wilson's men who swam across the flooded river, one of who told him "I think i may say we are the sole survivors of that party" Icashunwe kubhuku elithi: The Zulu and Matabele Warrior Nation, libhalwe nguGlenn Lyndon Dodds. Lokhu bekuchaza ukuthi uJamusoni naye ubesebulewe. Madoda uma ngifunda ngomlando wesizwe sikaMthwakazi ngizwa ngifikelwa yikuziqhenya kanti kunjalo ngifikelwa yikudumazeka ikakhulu ngenzalo yamaqhawe eseyasuka yabangamagwala okwedlula abasempumalanga.
|
|
Top
|
|
|
|
#40823 - 11/02/08 02:50 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: MTHWENTWEHLABA1]
|
Ngqwele
Registered: 10/07/08
Posts: 127
Loc: LONDON
|
HLABA-1-AT A TIME Mthwe Ngethemba uyaphila mhlobo wami. Mina ngiqinaqinile, ngidunyazwa yizinxushunxushu zoMuzi wakithi njengoba esivuselela nje uMadlenya. Mina ngiyakholwa ukuthi uMthwakazi yisizwe esikhethekileyo ma ungasusa imbali yaso uze ugcine ngendawo okuyona okulama resourses wonke. Njalo ulabantu abahle kakhulu uMthwakazi. Likhumbule ukuthi liyisizwe bantu bakithi, izwi lesizwe malizwakale!! Ngiyabonga Mthwe for according me my rights njengo Mthwakazi. Mina ngithi akuyiwa nganxanye kungesimanzi. Umbono wami yikuthi kakube lestratheji esicacileyo njalo sibe lohlelo. Igazi lezizalwani zikaMthwakazi elachitheka ngama80s zifela nje ubuMthwakazi bazo kalihlawule ngomhlaba wakhe njalo lozibuse. Imajinalzayshin lokubulawa kukaMthwakazi kuyazitsholo emhlabeni wonke ukuthi uMthwakazi in the eyes of abantu basempumalanga ,is an unnecessary appandage eZimbabwe which must be amputeted or exteminated njengoba beqhubeka besibulala.Other than foro uku exploythwa kwamaresourses kasilutho . Umlandu ukithi ukuthi sikuphakamise lokho for all the world to see and support us. Asiliqakathekiiseni igazi likaMthwakazi zihlobo. Lokhu kutsho ukuthi ubukhokheli siyabuswela kakhulu ku stratheji so that we declaire our intention now and now.Izinxushunxushu ezikhona manje eKhaya zingumhlabathi ovundileyo kuMthwakazi ukuthi enze into yakhe. Asiyigandeni manje insimbi isavutha, izogoba noma kanjani. Ingaphola izosiqinela bandla. Igazi likaMthwakazi selachitheka kudala, akathathe okungokwakhe abethele izikhonkwani.
_________________________
There is no Darkness but Ignorance! Siku Information Age Mthwakazi.
|
|
Top
|
|
|
|
#40824 - 11/02/08 03:29 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: Skuvethe]
|
Ngqwele
Registered: 10/07/08
Posts: 127
Loc: LONDON
|
"utshani obulele buvuswa ngumlilo" Skuvethe Ngethemba uphilile la ongakhona. A wungiphici ngesaga seSintu esihle. Ngiphinde nje ngitsho bhudi omkhulu ukuthi asikhuthazaneni i propmt action njengesizwe njalo lets count our blessings ngoba iMat/Midlands siyistronghold esihle.Lets be bold and declaire ourselves manje, sihlaleleni, safa kudala thina. Into nje engicaphulayo yikuthi leyo power esilayo, ofikayo evela empumalanga uyazitapela nje sengathi thina ukukhokhela asikudalelwanga kanti sakhokhela kudala. Bheka umakoni lomtambala ukuti ngesivukampuzana sabo bamhlakaze kanjani uMthwakazi.Zibheda kangaka ezimbabwe, kungekudala uzezwa okunye okwasempumalanga futhi sekuvumbulukile kusiza kithi :tswayi tswayi ngemcondo'ngizoba ngupresident wenu'. Kodwa guys, kasimqoqeni and co-opt wonke uMthwakazi aze ekhaya,sibethele izikonkwani kanye and for ever.
_________________________
There is no Darkness but Ignorance! Siku Information Age Mthwakazi.
|
|
Top
|
|
|
|
#40825 - 11/02/08 03:50 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: Madlenya]
|
Sikhulu
Registered: 03/16/08
Posts: 299
Loc: uk
|
Madlenya mfowethu uqaphele uzozithezela olunenkume ngalezinsizwa zaKwa-Godlwayo. empeleni siyakubonga mfowethu ngokusivuselela ngembali yethu. kuhle lokho siyakubonga. nalencwadi ngiyoyifuna ngifundele ingane zami.
empeleni bafo sisesekhona. khonalokhu ukuthi sikwazi ukukhulumisana kunkundla nakuMPC ect kuyinto enhle ngoba siyaqoqana. masikudumiseni ukuthi at last we are calling one another. litathwala izulu. abamnyama amafu. sinabo abakhaliphileyo. sinabo abazimiseleyo. siswele umkhokheli.what can we do to overcome this leadership void? iMPC ikhona kodwa asiyiboni. iyazama kakhulu futhi sihambisana nayo. kodwa ikhuluma ngokuxoxisana. ahh, ngempela? asazi.
izinsizwa zisekhona bafo. ngikhuluma ngabantu abazimisele ukuya kwagoqa impela. sesihlukunyezwe kwaze kwafika lapho sibona kungcono ukufa sizama. where is the leadership bafowethu?
|
|
Top
|
|
|
|
#40826 - 11/02/08 04:10 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: Madlenya]
|
Ngqwele
Registered: 07/30/08
Posts: 156
Loc: south africa
|
Madlenya kunjani mfowethu mina ngisacenga kunye labanengi ilanga nje kuphela,loludaba oza nalo lunzima baba nxa ulandela ukudaleka kwesizwe sikamthwakazi kuze kufike manje kwakuyizimpi kuphela and eyinye into labantu abbe sikhokhele lesisizwe kwakungamadoda ayelezibindi zokufa okungenzeka simdinge ofana lawo lamadoda simswelenje elami lithi kudingeka kubekhona ongakhekhola isizwe njalo thina siyisizwe esilonhlonipho kubanye abantu naye lowomuntu akhethe amadoda azomncedisa siqale ngokuzama ukukhuluma ngomlomo ilungiswe indaba yethu ngemva kokuya egangeni futhi labobantu bebengabantu abangasoze basithengisa ekugcineni bathembeke ngoba impi ilungile yona kodwa okungcona ngama negotiations firt sibone ukuthi kukhona okunga phuma yini nxa kusehlula ayike zingadedelwa ke zilime ziyetsheni isizatho sami kuyikuthi siyazi ngendlela esabulawa ngayo isizwe sikamthwakazi ukuthi sikuvikele lokhu asivezeni umbono wethu kuqala eyinye into engasibuyisela emuva yikuthi lathi ubunengi bethu sise mazweni abanikazi ukuith siqoqane kunzima madoda thats the other disadvantage that we have kodwa nxa kungabakhona indlela esingaqoqana ngayo mina ngibona siphumelela sisiyaphambili.
Edited by mg_d (11/02/08 04:12 PM)
_________________________
KEZI MAPHISA MAPHANENI KULA OZONGITHOLA KHONA.
|
|
Top
|
|
|
|
#40827 - 11/02/08 04:22 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: mg_d]
|
Ngqwele
Registered: 10/07/08
Posts: 127
Loc: LONDON
|
Unjani MG
Nansi istratheji, uzalaso muntu wakithi. Mthwakazi's blood is precious but liyachitheka nxa kufanele lichitheke, let that be the ultimate solution which comes as a result of failure of peaceful means. My point is; Mthwakazi has paid the ultimate price ngegazi from 80s up today- igenocide.Siyazi sidila labantu abalamakhanda aqinileyo but who said we have failed because we have not started. The question is ;siqala nini ukuthi zizidekleye and rejesta amaintentions wethu for all the world to recognise us?
As for ukuphasalala kwethu kulama advantages ahlukahlukeneyo; one of them being the ability to pull out amaresourses womkhankaso wethu from different angles.We can get around some problems by mobilising ourselves into regions for easy cordination, bonke abazikhululayo benza njalo.Lapho okhona lawe qala iregion yomkhankaso. Ose Oslo kumbe oko Bulawayo laye enze lokho uzabona sihlomulewa ngumhlaba wonke ngoba bazobe besi under-stenda. Into eqakathekileyo yikufokhasa ekukhululeni izizalwane zakithi eziphakathi kwamalahle avuthayo
_________________________
There is no Darkness but Ignorance! Siku Information Age Mthwakazi.
|
|
Top
|
|
|
|
#40828 - 11/03/08 08:38 AM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: JJMATSHETSHE]
|
Nduna
Registered: 12/30/07
Posts: 323
Loc: Canada
|
"History is not buried before the future is born" MPC website
_________________________
Ngingumthakathi wezigodo, umkhunkuli, angibhenyelwa nsangu mina, lizowukhomba olotshwala.
|
|
Top
|
|
|
|
#40831 - 11/03/08 11:07 AM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: Mthakathi27]
|
Ngqwele
Registered: 01/19/05
Posts: 196
Loc: KwelikaMjoji
|
Mr Skuvethe Kuwe Madlenya, ukukhala la ebulenjini akusizi ngalutho. Yiba yibutho, mina ngibe yibutho lelo elifana nalelo olincomayo elika Godlwayo. Then-ke, singalungisa umonakalo. Kuyabongeka lokhu mfowethu, uma ukwazile ukuthi uphume ebulenjini ulwele uMthwakazi, keep it up my brother. Ngimeme kulowo mzabalazo wakho ubone noma ngizokwala, noma wena ulwa impi uwedwa nje? Ngikhona baba ngizimisele kakhulu.
|
|
Top
|
|
|
|
#40832 - 11/03/08 11:53 AM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: Madlenya]
|
Nduna

Registered: 02/13/08
Posts: 373
Loc: UG
|
Mahlabezulu eSA, qoqanani licele iaudience lomkhokheli we MPC, uzichazile phakathi kwethu sonke. eUK, yenzani okufanayo,eCANADA,yenzani kanjalo, eAUS, USA kunye ngaphi langaphi lingasaleli emva. Lingathi siswele umkhokheli lingakabonani laye. Lapha akhona laye engathi uswele abantu ngoba sikhona. Asiphumeni embalwini simbone mathupha simtshele flat on his face, laye asitshele angasitshela khona. KUNGESATSHWA NDODA. Angazi uhlala ngaphi yena , ma efuna iticket lebhasi noma isitimela kathengelwe. Ma kulabanye amaleaders ayiphi layiphi iparty labo kabaziveze. Dobha nje iphone noma ungowakwaGodlwayo noma kuphi, arrange the gathering yalapho okhona. Malingazi kwenziwa njani buzani Igagu, simple as that. Nxa ufesana namaproblem tshela mina. Ngizenza okusemandleni ami ukunceda. One important thing, let us not appear a blood thirst nation because we are not, malizachitheka igazi let it be because all the other avenues have been exhausted.
_________________________
HLABA-1-AT A TIME
|
|
Top
|
|
|
|
#40845 - 11/03/08 11:36 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: MTHWENTWEHLABA1]
|
Ngqwele
Registered: 10/07/08
Posts: 127
Loc: LONDON
|
Ha !!! HLABA-1-AT A TIME Ngicela ke ufundafunde lisentesi at least kathathu uzwe ukuthi ithini kuwe njengoba isitsho kwabanye abalandeli abanengi njengami abadinga ukuqoqwa ngumkhokheli: eSA, qoqanani licele iaudience lomkhokheli we MPC, uzichazile phakathi kwethu sonke. eUK, yenzani okufanayo,eCANADA,yenzani kanjalo Bhudi omkhulu, sibanengi sizinkulungwane lezinkulungwani, siyakwazi esikufunayo njalo sizimisele ukuqoqwa lokukhokhelwa ngumkhokheli. Sidinga umkhokheli ozosiphefumulela isibindi aphumele etshatshalazini njengoba siba bona osivukampunzana, atsho izidingo zethu lathi sizoma laye sihlabele u 'somlandela yonke indawo'. Njengabalandeli kasikwazi ukuziqoqa njalo sizikhokhele khepha siswela umkhokheli who will not abdicate his role yoku qoqa i audience elinde thina abantukazana ukuthi siyecela i audience kuye. Ngingu muntu wokucina engingabonisana lawe nge leadership theory ngoba angiyazi, ngiyifolowa yoqobo njalo ezimisele ukuthi ikhokhelwe ekufezeni izidingo zabantu bakithi. Sidinga uMkhokheli ozosiqoqa e Gwanda, eMentshesta, e Tolonto eGoli koGodlwayo etc. Ngiphinde ngithi mina eGoli ngilabazalwani bami abangakwazi ukucofa inkinobho zekhomputha kodwa zikhona izinkinobho abakwazi ukuzicofa.A ngabe ezibonakilise kuphi umkhokheli Mthwe? This is siras bhudi i question yeleadership ifanele ikhangelisiswe njalo masikhuluma ngamafolowazi kaMthwakazi kufanele kucacace ukuthi ngobani, njalo kufinyelelwa njani kubo. Bazimisele Mthwe abantu baswela umqoqi. Lingathi siswele umkhokheli lingakabonani laye. Hawu naysi ,nce
_________________________
There is no Darkness but Ignorance! Siku Information Age Mthwakazi.
|
|
Top
|
|
|
|
#40850 - 11/04/08 03:08 AM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: JJMATSHETSHE]
|
Nduna

Registered: 02/13/08
Posts: 373
Loc: UG
|
JJ Vele ungaqali isitsotsi sakini koMthwakazi, wena nguwe ubhudi omkhulu. Ungangibizi bhudi wena nguwe bhudi. Ungabalekeli isithunzi sakho ngoba awuzukuphumelela.
Ngingazi mfowethu kumbe uyibonile ilaunch statement ye Mpc, by the President wayo, where he declared his full name. Thats what I mean by 'lingathi siswele umkhokheli lingakamboni' We already know of him but dont know him yet. We need to check him out.
Ma umuntu eza emzini kababa mnewethu ethi seganiwe, kasimhlalisi phansi yini simbuze ukuthi ukhuluma ngani, yena evele engubani, ophumaphi? Ngeke sathi enze akwenzayo thina sizabona ukuthi nguphi udade ngokuzithwala.
It is not a small matter for someone to declare himself a president wempc. The hope to live, of the remnant of Mthwakazi to have survived igukurawhatever rests on such organisations as mpc. So umuntu makezithi uyinkokheli yithi okumele sisukumele phezulu simhlole ukuthi uyisima kanjani, ogogo labo khulu labo mama labo dade nezingane zethu zingakaduhiswa yisigebengu.
Akhona yini amaqhawe la enkundleni, kabonwe lundoda we mpc, yona mpc kayihlolisiswe ibonakale noma yinto elohlonzi na? Undoda lo uziqambe ngebizo kanye, kasuye yedwa futhi awukamboni ohlala la enkundleni ephanyeka esayina mpc communications dept? Awulalelanga iradio interview layo ebiphanyekwe la enkundleni? Ungakhohlwa ukuthi abantu laba labo ziboys ezakhulela kwabo abantu bebhekile njengathi sonke. Abazalwanga bengama leaders. They are just feeling a vacuum which you yourself and myself could have filled. Have you not seen leaders either making it or failing dismally? Some are natural leaders some are forced by circumstances, others are trained. But followers also have a big chunk to contribute in the making of an effective leader. As for Mthwakazi we cant afford to wait upon one man isikhathi sihambile lesi, NJALO INGOZI IHLEZI ISEMAKHANDA ETHU.
Madoda akusukunywe, kudala ogogo bebethembe obaba, thina sisebafitshazana. Manje tshono mntakababa JJ sobabafitshazana kuze kube nini. Shall our grandmothers perish again ngokuza kwenext gukuramgabe BECAUSE UMUNTU OWATHI UYILEADER YEMPC KASASIQOQANGA? I AM NOT PART OF THAT NO NO NO! You also are not part of that JJ , I refuse on your behalf. Uliqhawe lesizwe, isizwe sosinda ngoba ukhona wenaJJ. Kayilandwe impc kungadlalwa. Engxenye labo bayesaba, kabafakwe izibindi, ngubani owathi inkokheli azisomagwala. As a matter of fact, I suspect they are big cowards because most of the time they dont really go to battle but they send! LIFE TO YOU ALL.
_________________________
HLABA-1-AT A TIME
|
|
Top
|
|
|
|
#40862 - 11/04/08 10:09 PM
Re: NGINOKUDUMAZEKA NGESIZWE SIKAMTHWAKAZI.
[Re: MTHWENTWEHLABA1]
|
Ngqwele
Registered: 10/07/08
Posts: 127
Loc: LONDON
|
HLABA-1-AT A TIME
Ngiyawezwa amaqiniso akho Mfowethu. Ngiyabonga kakhulu ngoba injongo yethu sonke iyafana.Kayehlukananga lakancane. Ngethemba lawe uyangizwa lapho engivela khona ngembono yami. Ngidaniswa lunyawo luka fudu engilubona ku MPC engithembele kuyo. Sengathi kuthiwa we have all the time , uMthwakazi kudala wahlupheka so kujahweni? Kuyayijabhisa inhliziyo lokho ngoba le yingane yethu elesibongo sethu okufanele sizikhulisele yona.
_________________________
There is no Darkness but Ignorance! Siku Information Age Mthwakazi.
|
|
Top
|
|
|
|
|
|
Shaya FM is currently OFF AIR. Sorry to disrupt your listening. Your favourite radio station will be back on air ASAP!
|
|
|
|
|
1
|
2
|
3
|
4
|
5
|
|
6
|
7
|
8
|
9
|
10
|
11
|
12
|
|
13
|
14
|
15
|
16
|
17
|
18
|
19
|
|
20
|
21
|
22
|
23
|
24
|
25
|
26
|
|
27
|
28
|
29
|
30
|
31
|
|
|
|
|