Nami ngisacela ukwamukeleka enkundleni, ngethembe nokuthi nami ngizothoza okuncane kwabakhona.
Ngokuzithoba okukhulu nami bengisacela usizo ngezithakazelo noma izibongo zakwaMdluli, ngoba ngokufunisisa ngizengathola ukuthi ziyashiyana lezizibongo. Ukushiyana kwazo kunje: kukhona oMdluli bakwaLukhele nabakwa Skhangisa noma Skhandisa. Bengicela uma kukhona onolwazi ake angihlephulele kancane ngazo zombili lezizithakazelo. Angehlukanisele nokuthi zihlangana nokuthi zihlukana kuphi futhi.
Ngiyabonga...
Sobho Lamathambo